Amaza womsakazo

Mayelana Wikipedia
Ukugqwayiza kwesihoshamaza esiyisigamu-seza esiyonza amaza omsakazo, okubonisa imigqa yomzuba .

Amaza womsakazo awuhlobo lwemiyonzi yenzubawonga enamabangacuphi amade kakhulu emungcweni wenzubawonga, imvama ngemijinge engama-300 yamahazaqindi (gigahertz (GHz) nangaphansi. Kumahazaqindi angama-300, ibangacuphi elihambisanayo linye (1mm, lincane kunokusamvu kwendumbuluza); kumahaza angama-30 (Hz) ibangacuphi elihambisanayo lingamakhilomitha ayizi-10,000, (lide kunomugqazinga womhlaba). Njengayo yonke imiyonzi yenzubawonga, amaza omsakazo lapho aselinyeni (vacuum) ahamba ngesivinini sokukhanya, futhi kumoyambulunga womhlaba ahamba ngesivinini esiseduze, kodwa esingaphansi kwaso.