Umoyambulunga

Umoyambulunga (inhlanganisela yamazwi amabili umoya + imbulunga) ubuhalalazi bohowo ebungunge umzulane, futhi bubanjwe umnyondo wendikimba yomzulane. Indikimba izuza iningi lomoyambulunga wayo enkathini yokwakheka kwayo, kungaba ngehlumelelo loTho noma ngokushamuka kwezinhlwa ezihwamukayo. Ukwenanana kwevange komoyambulunga nobuso obunqumile kungaguqula isigubo sawo esiyisisekelo, njengokwenanana kweBanevange neLanga. Umzulane ugcina umoyambulunga isikhathi eside lapho umnyondo umkhulu futhi amazinga okushisa awo aphansi. Isivungu seLanga umsebenzi waso ukobula umoyambulunga womzulane ongaphandle, nakuba lenqubo isililizwa iwongambulunga. Lapho indikimba iqhele kakhulu eLangeni, kunamathuba amancane wokuthi izokwebuleka umoyambulunnga.
Ngaphandle kukaNomjubane, yonke eminye imizulane yozungezohlelo lweLanga inomoyambulunga owanele, kunjalo nangomzulane oyisichwe uNochoko nenyanga uSomusi. Umnyondo ophezulu ngamazinga okushisa aphansi kaMkhulukhulwana namanye amaqhakamela wohowo kuwavumela ukuba agcine omoyambulunga abakhulu abakhiwa iHwanzi, nehwelanga. Imizulane ehlabathi enesisindo esiphansi ezungeza eduze neLanga, yona inomoyambulunga abanesikhuhle esiphezulu esakhiwa umCalahle, iNihwe, nesOhwe, nezingcosana zohowo oluntentemukayo. Umoyambulunga uhlongiwe nakweminye imizulendle efana no- HD 209458 b no- Kepler-7b.
Umoyambulunga wenkanyezi uyindawo engaphandle kwayo, ehlanganisa nogqimba olungaphezu kweBanembulunga; izinkanyezi ezinamazinga okushisa aphansi nazo zingaba nomoyambulunga ongaphandle oqukethe imizwayi. Ezinye izindikimba ezinomoyambulunga zihlanganisa izithomiyana ezingamunwe, namabhaqamyezi aqhebezayo.