Umoyambulunga

Mayelana Wikipedia
UmZulane uNotshezi unomoyambulunga owakhiwe ubuhalalazi bohowo obulubunda.
uhowo lomoyambulunga oluzungeza umhlaba luhlakaza ukukhanya okulundwa (kwamabangacuphi afuphi) kakhulu kunokukhanya okubomvu (kwamabangacuphi amade); ingakho ukukloloba okulundwa empelamehlo kubonakala lapho ubuka umhlaba usemkhathingeni.

Umoyambulunga (inhlanganisela yamazwi amabili umoya + imbulunga) ubuhalalazi bohowo ebungunge umzulane, futhi bubanjwe umnyondo bendikimba yomzulane. Umzulane ugcina umoyambulunga lapho umnyondo umkhulu futhi izingalokushisa lomoyambulunga liphansi. Umoyambulunga wenkanyezi buyindwawana engaphandle yenkanyezi, ehlanganisa ubuhalalazi obungaphezu kwebanembulunga elingakhanyi; izinkanyezi ezinezingalokushisa eliphansi kungenzeka zinomoyambulunga ongaphandle iqukethe imixube yamachembe.