Jump to content

Cristiano Ronaldo

Kubuya ku Wikipedia
UCristiano Ronaldo

UCristiano Ronaldo dos Santos Aveiro (owazalwa ngo-5 February 1985) ungumdlali webhola lezinyawo wasePortugal odlalela i-Al-Nassr kanye neqembu lesizwe lasePortugal. URonaldo waziwa ngamakhono akhe, ijubane, nokushaya amagoli. Usewine inqwaba yezindondo, okuhlanganisa namaBallon d'Or amahlanu. Waqala umsebenzi wakhe ku-Sporting CP, futhi waba nempumelelo enkulu eManchester United, I-Real Madrid naseJuventus. URonaldo ungomunye wabadlali abahlonishwayo emlandweni webhola.

Omunye wabadlali abaziwa kakhulu futhi abathengiseka kakhulu emhlabeni, uRonaldo wabekwa njengomdlali ohola imali eningi emhlabeni ngu-Forbes ngonyaka ka-2016, 2017, 2023, no-2024[1][2] futhi njengo mdlali odume kakhulu emhlabeni nguESPN kusukela ngo-2016 kuya ku-2019[3]. U-Time wamfaka ohlwini lwabo lwebantu abayi-100 abanethonya elikhulu emhlabeni ngonyaka ka-2014.[4]

URonaldo ungumuntu odume kakhulu emithonjeni yezokuxhumana: unezilandeli ezingaphezu kwezigidigidi ezi-1 kuFacebook, Twitter, YouTube nakuInstagram, okuyinto eyenza waba umuntu wokuqala ukufinyelela kuleyo nkazimulo.[5][6][7] Ngo-2020, uRonaldo wabizwa njengeqembu leBallon d'Or Dream Team[8] futhi waba ngumdlali webhola wokuqala kanye nomdlali wesithathu kwezemidlalo ukuhola imali engaphezu kwezigidigidi ezi-1 zamaRandi emsebenzini wakhe.[9]Ukwaziswa jikelele Incazelo emfishane ngokuphathelene nesatha sesiphinzi (stub template).

Siyini isiphinzi (stub)? Isiphinzi siyisilothswa esiqukethe imisho embalwa yesiqakaqo. Le misho mifishane kakhulu futhi ayinalo imininingwane oludingekayo lesihloko seNgqoqelolwazi.

Sisibona kanjani isiphinzi? Ngokuvamile izilotshwa eziyiziphinzi ziba ophawu olufna nolulo olusezansi kwalesi silotshwa. Ngokuvamile, izatha zesiphinzi zifakwa ngokubhala elithi stub phakathi kwabakaki abalukhonko, kanje. Template loop detected: Template:Stub.


Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Cristiano Ronaldo". Forbes (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  2. Badenhausen, Kurt. "Is Cristiano Ronaldo The World's Most Marketable Athlete?". Forbes (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  3. "2019 World Fame 100: Who are the biggest names in sports?". ESPN.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  4. Internet, Unidad Editorial (2014-04-25). "CR7 named among '100 Most Influential People in the World', no place for Messi - MARCA.com (English version)". MARCA (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  5. "Cristiano Ronaldo first to hit 1bn social media followers". www.bbc.com (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  6. Internet, Unidad Editorial (2014-04-25). "thabet". MARCA (in i-English). Archived from the original on 2025-01-23. Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  7. "Ronaldo reaches 1 billion social media followers". ESPN.com (in i-English). 2024-09-13. Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  8. "Ballon d'Or Dream Team: Xavi alongside Messi and Cristiano". MARCA (in i-English). 2020-12-14. Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.
  9. Craig, Matt. "Billion-Dollar Ballers: These Athletes Have Earned More Than $1 Billion Apiece". Forbes (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2024-12-15.