Duma Nokwe

Mayelana Wikipedia

U-Philemon Pearce Dumasile Nokwe (13 kuNhlaba 1927, Evaton - nge-12 kuMasingana ngo-1978), owayesaziwa njengoDuma Nokwe, wayengumntu olwela umzabalazo kwezopolitiko waseMzantsi Afrika, wasebenza njengo-Nobhala-Jikelele we-African National Congress ukusukela ngo-1958 ukuya ku-1969, ngenxa yegama lakhe uyidlalile indima yokuthi abe yisizathu soshintsho lwase Ningizimu Afrika ngesikhathi sobandlululo. Ngosizo lwabo thishela bakhe futhi nabaholi phambili ngisho yena u-Oliver Tambo noWalter Sisulu, uyidlalile indima yakhe ebalulekile ephikisana nokuphambene nomthetho kamongameli owayephethe, wayezimisele ngokuthi aphile ngenkululeko ezweni leli azalelwe kulo wayengavumelani nomthetho lona owawungam’philisi ngenkululeko futhi ongamjabulisi.

Ukwazile ukunqoba zonke izithiyo lezi ahlangabezene nazo esakhula ngoba ukwazile ukuthola isiqu esiphezulu kwezeSayensi ngonyaka ka-1949 ngokuhamaba kwesikhathi wafundela isiqu kweZomthetho. Wathola umsebenzi wokuthi abe uMmeli waphinda futhi waba ingxenye yeJohannesburg Society of Advocates ngonyaka ka-1956 kuNdasa 9, eqinisweni uDumasile ubengumeli wokuqala kuthina abantu abamnyama ezweni lethu.

Ngenxa yomlando wakhe uDuma ube uphawu oluqinile lwabantu abalwelwa ukulingana ezweni laseNingizimu Afrika ngoba konke wakwenza ngokuzimisela futhi ngenhloso yokuthi kumele wonke umuntu aphile ngenkululeko ezweni lakhe.

Ngokuqala enyakeni ka-2003 iqembu elibizwa Duma Nokwe Group of Advocates lisungule insika yoshintsho endaweni kuwo wonke amalunga ayo lana sisho yena uPatrice Mtshualana SC, Dabi Kumalo SC, namanye amalunga. UNokwe ushone ngonyaka ka-1978 kuMasingana ngosuku 12 njengesizwe saseNingizimu Afrika sizinikezela ukuthi sihloniphe umgomo lona uDuma aphile ngawo futhi nezinye izifiso zakhe zifezeke.  [1]

Izikhomba[hlela | Hlela umthombo]

  1. "Archive copy". Archived from the original on 2020-10-29. Kulandwe ngomhlaka 2019-10-05.CS1 maint: Archived copy as title (link)