African National Congress

Mayelana Wikipedia
Abaholi Bokuqala beSouth African Native National Congress kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: Thomas Mapike, Rev Walter Rubusana, Rev John Dube, Saul Msane, kanye noSol Plaatje

.

i-African National Congress (iANC) yiqembu lezombusazwe laseNingizimu Afrika elasungulwa yizingqalabutho ezinjengo John Langalibalele Dube (umafukuzela) owaba ngumongameli wokuqala ngonyaka we-1912, kanti ngemva kwalokho kwalandela uPixley ka Isaka Seme,Inkosi uAlbert Lutuli nabanye. futhi inhlangano ubuzwemnyama. Njengoba zazivinjelwe eNingizimu uhulumeni 1960-90, I-ANC yanqoba.

Umlando[hlela | Hlela umthombo]

Bheka ikhasi eliyinhloko:Umlando we-ANC

Ngeminyaka yo-1960 abaholi bayo badingiswa kanti abanye babo babanjwa bagqunywa ejele iminyaka eminingi, okubalwa o-Oliver Tambo noNelson Mandela kanye nabanye, kanti nalo leli qembu lamiswa ukuba lingabe lisaqhubeka nemisebenzi yalo, lamiswa ngumbuso wengcindezelo wabamhlophe. Maningi amalungu we-ANC adingiswa kanti amanye abulawa, ikakhulukazi amalungu lawo abengaphansi kwamasosha e-ANC Umkhonto Wesizwe. I-ANC yona yayilwela umbuso wentando yeningi, ubulungiswa obulinganayo kuzo zonke izinhlanga zabantu.Ngonyaka we-1994 kwaba khona ukhetho lwezwe lokuqala lwentando yeningi mhla zinga-27 uMbasa .Okhethweni lokuqala lwentando yeningi yezwe we-1994 nomhloli walo, uNelson Mandela, waba ngumengameli wezwe. I-ANC edume ngokhongolose yavotelwa ngelikhulu isasasa ngabantu abangaphezu kwamaphesenti angama-60.

Ifulegi le-ANC

Emva kwe-1994[hlela | Hlela umthombo]

Leli qembu likakhongolose (ANC) laletha izinguquko eziningi eNingizimu Afrika, yonke imithetho yengqindezelo yasulwa,kwangena intando yeningi kanti nomthethosisekelo nawo wabunjwa kabusha. Iqembu le-ANC laphucula izimpilo zabantu ngokwezempilo,kwezenhlalakahle, zepolitiki,zomnotho, zokuvikela, nakweminye imikhakha. Ngonyaka we-1994 umengameli osedlule kuleli uNelson Mandela wayesengumengameli waleliqembu ngemva kokukuphatha isikhathi eside kuka Oliver Tambo. Ngonyaka we-1999,leli qembu laphinda futhi lanqoba ukhetho lukazwelonke,lokho okwalenza ukuthi libe namalungu amaningi ephalamende lesizwe kanti nasezikhundleni zikahulumeni. Ngawo lowo nyaka we1999, uMnu Thabo Mbeki wagcotshwa ukuba abe ngumengameli wezwe. Ladlondlobala kanjalo iqembu likakhongolose (ANC) kwaze kwafika unyaka we-2009 lapho umengameli wezwe kwaba nguJacob Zuma.