Ezoluntu

Mayelana Wikipedia
Usonjulalwazi u- Plato - isifaniselo saseRoma somsebenzi kaSilanion we-Academia e-Athens ( Template:Circa 370 BC)

Ezoluntu ziwuluhlu loqeqesho lobungqandavu olufunda izici zoluntu kanye nosikompilo lwabantu . Ngenkathi yeMvuselelo, leligama lalisetshenziswa ukuqhathanisa izifundo ezingezona ezobuNgcwele futhi lalibhekisela kulezo zifundo namuhla ezibizwa ngokuthi eziNgabuni (classics), eziphathelene nokufunda okungafaki nkolo phakathi ngaleyonkathi. Namuhla, Ezoluntu zijinge ukuchasiswa ngokuthi yinoma imuphi umkhakha ongaphandle lwenzululwazi yemvelo, inzululwazi yomphakathi, nenzululwazi evamile efana (nomchazazibalo, kanye nenzululwazi esetshenziswayo noma ukuqeqeshwa okuChwepheshile.[1] Ezoluntu zisebenzisa izindlelasu ngokuyinhloko okuthiwa ziyacubungula noma ziyagagula, futhi zigcwele isici esingokomlando kakhulu— okuzenza zihluke endleleni yenzululwazi yemvelo egxila ebufakazini obuphathekayo ngokuyinhloko;[2] kodwa, ngokungafani nezinzululwazi, awukho umlando wezoluntu ovamile oziveza njengoqeqesho oluqavile ngokwalo.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Oxford English Dictionary 3rd Edition.
  2. "Humanity" 2.b, Oxford English Dictionary 3rd Ed. (2003)