Gingindlovu

Mayelana Wikipedia
Gingindlovu
Gingindlovu is located in South Africa
Gingindlovu
Indawo yedolobha eNingizimu Afrika
Izixhumanisi: 29°1′0″S 31°35′0″E / 29.016667°S 31.583333°E / -29.016667; 31.583333
Izwe IRiphabliki waseNingizimu Afrika
Isifunda KwaZulu-Natali
District King Cetshwayo District Municipality
Umasipala UMlalazi
Ukuphakama 1,090 m (3,580 ft)
Postal code 3855 3856 or 3858
Area code 035


Gingindlovu idolobha elisesifundazweni saKwaZulu-Natali eNingizimu Afrika. Leli dolobha lingelinye lamadolobha angaphansi komasipala obizwa ngikuthi i-King Cetshwayo District Municipality. Leli dolobha lisendaweni enothile ngomlando wakwaZulu, lisendaweni lapho Inkosi uCetshwayo kaMpande abe enomuzi wakhe omkhulukazi khona. Kuyindawo lapho UCetshwayo anqoba waphinde wabulala umfowabo uMbulazi. Igama elithi Gingindlovu liqonde umgwinyi wendlovu, okwabe kuqondiswe ekunqotshweni kukaMbulazi ngonyaka ka-1856.

Leli dolobha kuyilapho futhi kwatholana phezulu amaNgisi kanye namabutho akwaZulu okwabe kuyengxenye yezimpi phakathi kukaZulu namaNgisi ngonyaka ka-1879 mhlaka 2 kuMbasa impi eyaziwa ngokuthi Impi yaseGingindlovu okuyilapho amaZulu anqotshwa khona ngamaNgisi.

Isithombe esathathwa endaweni yaseGingindlovu ngonyaka we-1976

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]