IKwa Thema

Mayelana Wikipedia

Kwa Thema yilokishi elisesifundazweni sase Goli. Leli lokishi lise Mpumalanga Randi ye Gauteng. Le lokishi laqanjwa emva komnumzane u Selope Thema naye owayelwela inkululeko. Idolobha laKwa Thema i-Springs, lapho iningi labahlali lithenga khona izinto abazifunayo noma abazidingayo. Kule lokishi kuhlala abantu abanningi abahlukahlukene, abadumile. Lapha singabala abaculi, abadlali bezemidlalo, nebeshashalazi abahlukahlukene. IKwa Thema isondelene namadolobha anjengo, Springs, Brakpan, Benoni,Boksburg, kanye ne Nigel.IKwa Thema iphinde futhi yakhelane namanye amalokishi afana ne Tsakane Kanye ne Duduza.EKwa Thema kukhona izindawo ezahlukene zokuzijabulisa njenge Bahamas, edume kakhulu. Lapha eThema kukhona imitholampilo emibili,kodwa asikho isibhedlela.