IMininingo (isayensi yesicikizi)

Mayelana Wikipedia
Izinhlobo ezahlukahlukene zemininingo ezibonwa kuphela ngesiCikizi

Emkhakheni wesayensi yesiCikizi, imininingo iyinoma iluphi uchunge lophawu olulodwa noma izimpawu eziningi; umniningo unguphawu olulodwa lwemininingo. Imininingo idinga isikhumusho ukuze ibe ukwaziswa. Imininingo yezezibhangqiwe (digital data) iyimininingo emelelwa ngokusebenzisa uhlelo lwamanani amabhangqa ('1' and '0'), esikhundleni sokumelelwa iNzuko (analog). Ezinhlelweni zesiCikizi zanamuhla (emva kowe-1960), yonke imininingo ingeyezezibhangqiwe.

Imininingo itholakala ngezimo ezintathu: Imininingo ephumule, imininingo emdiki, imininingo eqebethayo. Imininingo ephakathi IsiCikizi kwesiCikizi, imvama, ihamba njengemininingo elungene. Imininingo ephumayo noma engenayo esiCikizini, imvama, ihamba njengemininingo eluhidi. Imininingo ethathwe kusiLekelelei senzuko, esifana neNzwi yesilinganisi kushisa, ingaguqulelwa kwezezibhangqiwe ngokusebenzisa isibhensi (modem). Imininingo emelela amanani, izigqabo noma izimpawu ukuze isiCikizi siwenze imigidingo, iyalondolozwa futhi iqoshwa kunzisa yokuqopha yewonga, yeBonanyo, yamazuba noma eyinguxa, futhi izodluliswa ngesimo seziyabizo zezezibhangqiwe zamazuba noma iziyabizo zeBonanyo. Imininingo ingena futhi iphume phakathi kwesiCikizi ngeziLekeleli ezixhunywayo.

Izici zenkumbulo yesiCikizi zoqobo zibandakanya ikheli nencu (byte) yengcinamininingo. Imininingo yezezibhangqiwe imvama igcinwa kwizizindamininingo ezihlobene, futhi ingamelelwa njengamabhangqa ayisicabango. Imininingo ingahlelwa ngezinhlobo ezihlukene zezinhlaka zemininingo , ezihlanganisa uyaca, izithombe, nezinto. Izinhlaka zemininingo zingagcina imininingo yezinhlobo ezihlukene, ezihlanganisa amanani, imicu, kanye nezinye izinhlaka zemininingo .


Merged content from Imininingo (isayensi yesiCikizi to here.