Inzululwazi yesicikizi
Inzululwazi yesicikizi iyisifundo somcikizo, ukwaziswa nenhleleleko. [1] Inzululwazi yesicikizi ihlanganisa uqeqesho oluchachiswayo (olufana nesihlelakwenza, umchachiso womcikizo, nomchachiso wokwaziswa) kanye noqeqesho olusetshenziswayo (olufana nokuklanywa nokugunundwa kwezigcoyi nehlelokusebenza). Nakuba lesifundo sithathwa njengoqeqesho lakwaNgqondonkulu, inzululwazi yesicikizi ihlobene kakhulu nokuhlelelisa isicikizi. Ingcwethi kulomkhakha yaziwa ngokuthi osonzululwazi wesicikizi.
Izihlelakwenza kanye nezinhlaka zemininingo zimqoka kunzululwazi yesicikizi. Umchachiso womcikizo wona unake izinongo zomcikizo ezikhanyangwayo kanye nezigaba ezivamile zezinkinga ezingaxazululwa ngazo. Umkhakha womchazanyandla kanye nezokuphepha kwesicikizi zibandakanya ukufunda ngezindlela zokuvikela ukuxhumana nokuvimbela ubuntekenteke bezokuphepha. Izithombe zesicikizi nomchazabukhulu womcikizo ubhekele ukuphehlwa kwezithombe.
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]Izisekelo zokuqala zalokho okwakuzoba Inzululwazi yesicikizi zandulela ukuqanjwa kwesicikizi zezezibhangqiwe sanamuhla.
Imithombo
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ Denning, P.J.; Comer, D.E.; Gries, D.; Mulder, M.C.; Tucker, A.; Turner, A.J.; Young, P.R. (February 1989). "Computing as a discipline". Computer 22 (2): 63–70. doi:10.1109/2.19833. ISSN 1558-0814. https://ieeexplore.ieee.org/document/19833. Retrieved March 3, 2022.