INdlovukazi Mantfombi Dlamini

Mayelana Wikipedia


UShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu wazalwa mhlaka 15 kuNhlolanja (February) ngonyaka ka-1953 wadlula emhlabeni mhlaka 29 kuMbasa ngonyaka ka- 2021). WayeyiNdlovukazi esizweni samaZulu kusukela ngonyaka ka-1977 kuya kunyaka ka-2021. INdlovukazi yabe igane iSilo Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Kuthe ekukhothameni kweSilo uZwelithini iNdlovukazi yabe ikhonjwe njengozoba iBamba bukhosi kusukela ngoMashi 2021 kuya ku-Ephreli 2021.[1]

Ukuphila kwasebuntwaneni nomndeni[hlela | Hlela umthombo]

INdlovukazi uMantfombi Dlamini yazalwa ngo-15 February 1953 endlini yeNkosi uSobhuza Dlamini. Wazalwa yiNkosi USobhuza II waseSwaziland neNkosikazi uManoni,[2] yena ngokwakhe owayengumzukulu weNkosi uMbandzeni, owayekade eyiNkosi yasezweni laseSwatini, uyise kaMantfombi uSobhuza III, njengeNgwenyama yesizwe samaSwati, waba yInkosi yaseSwaziland lapho ithola inkululeko ngo-1968. Umfowabo weNdlovukazi Mantfombi, owalandela uSobhuza UMswati III, ekugcineni washintsha igama lezwe labo laba yi-Swatini ngo-2018.

Umndeni wakhe wakha ubudlelwane namanye amakhosi: umfowabo, iNkosana Thumbumuzi Dlamini, washadelwa indodakazi yobukhosi bakwa Mandela eMvezo ngonyaka ofanayo wokuthembisana kwakhe. Ngalokhu kuhlangana, wathola UZenani Mandela-Dlamini njengomlamu wakhe.[3]

INdlovukazi yayiyilungu leSonto lamaSeventh-day Adventist.

INdlovukazi uMantfombi Zulu[hlela | Hlela umthombo]

Ngemva kokukhuliswa ngokwesiko emndenini wasebukhosini waseSwatini, INdlovukazi yabe isigana iSilo uGoodwill Zwelithini sesizwe samaZulu ngonyaka ka1973. Ngesikhathi sokugana kwakhe, wayeyilungu lomndeni wasebukhosini sombuso ozimele waseSwatini. ISilo uZwelithini wabe ehlonishwe nguHulumeni wangaleso sikhathi njengeSilo njengegunya lesiko laseZululand. Ngesimo sokuthi iNdlovukazi yabe izalwa ebukhosininendlela iNdlovukazi eyaloboleka ngayo kwabe sekukhomba ukuthi iyona eyiNdlovukazi yeSilo uZwelithini. Lesi sikhundla sabe sizobeka izinganezesilisa zayo iNdlovukazi lokuba amakhosana. INdlovukazi yabe isishada umshado omhlophe neSilo uZwelithini ngonyaka-1977.

INdlovukazi NjengeBamba Bukhosi[hlela | Hlela umthombo]

Ngokukhothama kukamyeni wakhe iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, INdlovukazi yabe isikhethwa incwadi yefa eyayishiywe yiso iSilo njengomholi wesikhashana wesizwe samaZulu ngo-24 March 2021. INdlovukazi yabe ibekwe okwesikhashana kulesikhundla kuze kube yilapho iSilo esilandelayo samaZulu siyamiswa. Ukube wasinda, ngabe futhi wamisa iSilo esasizolandela.

Ukukhothama kweNdlovukazi[hlela | Hlela umthombo]

Ngo-27 April 2021, umndeni wasebukhosini waqinisekisa ukuthi iNdlovukazi uMantfombi Dlamini yayinokudunguzela okwaphoqa ukuthi ize ilaliswe esibhedlela. Wakhothama ezinsukwini ezimbili kamuva ngo-29 April 2021. Umndeni awuzange ukhiphe imininingwane yembangela yokufa.

UMntwana uMangosuthu Buthelezi wachaza ukukhothama kweNdlovukazi "njengokwakungalindelekile". OwayenguNdunankulu wesifundazwe sakwaZulu Natal uMnu. Sihle Zikalala wabiza izindaba ngokuthi "ezibuhlungu" futhi wathi iNdlovukazi yayiyibhuloho phakathi kwesizwe samaZulu nesizwe sakwaNgwane eSwatini. Wabiza ihlandla lakhe lokuhola ngokuthi liyisikhuthazo kwabesifazane, okuhlale kubukeka ngathi abalitholi ithuba ngokuthi izikhundla eziningi zingamelwa ngamadoda.

Ngosuku olwalulandela, uMntwana uButhelezi waqinisekisa esizweni ukuthi iNdlovukazi yakhothama cishe ngo-20:15 eSibhedlela saseNetcare Milpark IGoli. UMntwana wabe esephinde ememezela ukuthi iNdlovukazi yayihlushwa ukugula isikhathi eside; lokhu kwakwaziwa esigodlweni kodwa akuzange kwembulwe obala. Ngemva kokululama ku-COVID-19, walaliswa esibhedlela saseThekwini ukuze ahlinzwe kususwe amatshe (gallstone). Njengoba ayebuthakathaka kakhulu ukuba ahlinzwe, wabona omunye udokotela eGoli, futhi kamuva walaliswa esibhedlela.

Abantwana beNdlovukazi[hlela | Hlela umthombo]

INdlovukazi uMantfombi neSilo uGoodwill babenezingane eziyisishiyagalombili. Zilandelana ngalendlela:

  • ISilo uMisuzulu Sinqobile Zulu
  • Inkosazana Ntandoyesizwe Zulu
  • Inkosazana Nomkhosi Magogo Zulu
  • UPrincess Bukhosibemvelo Zulu
  • INkosana Bambindlovu Makhosezwe Zulu
  • INkosana Sibongakonke Lungelo Zulu
  • INkosana Mandlesizwe Zulu
  • INkosana Simangaye Zulu

Bheka futhi[hlela | Hlela umthombo]

  • Imibuso yamakhosi e-Afrika
  • Umbuso wamaZulu
  • Indlu yobukhosi yakwaZulu
  • KwaZulu-Natal

Imithombo yolwazi[hlela | Hlela umthombo]

  1. Kelly, J. E., Sithole, J., & Timbs, L. (2021). King Zwelithini and the Historians. South African Historical Journal, 73(2), 533-544.
  2. Melodious, M. M. (2022). Gender Inequality in South African Nguni Cultures, as Portrayed in Selected Nguni Literary Text (Master's thesis, University of Pretoria (South Africa)).
  3. https://www.pressreader.com/