Jump to content

IKwaZulu-Natali

Mayelana Wikipedia

IKwaZulu-Natali (IsiNgisi: KwaZulu-Natal; Template:Lang-zu; isiBhunu: KwaZoeloe-Natal) yisifundazwe saseNingizimu Afrika. Lesi sifundazwe siyamene ngokwemingcele nezifundazwe ezintathu zaseNingizimu Afrika okuyiMpumalanga, iFree State kanye neMpumalanga Kapa [1] siphinde sihlangane nemingcele namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwatini kanye neLesotho.[2]

iKwaZulu-Natali(ngesiZulu)

ibheji lesifundazwe

Indawo yesifundazwe eNingizimu Afrika
Izwe

INingizimu Afrika

Isiqubulo "Masisukume Sakhe"
"Let Us Rise and Build"
Idolobha elikhulu iTheku
Ubukhulu bendawo 94.361 km²
Inani labantu (ngo-2011) 10,267,300[3]
Inani labantu (ngo-

2022)

12 423 907
Izilimi[3]
Izinhlanga[3]
Inhlokodolobha Pietermaritzburg (c.1994)
UNdunankulu
Nomusa Dube-Ncube (ANC)
Iwebhusayithi www.kwazulunatal.gov.za Archived 2007-12-22 at the Wayback Machine.

Lesi sifundazwe siqanjwe ngonyaka we-1994, ngenkathi kuhlanganiswa isifundazwe esasibuswa ngaBhunu iNatali kanye nesizwe samaZulu iKwaZulu. Inhloko-dolobha yeKwaZulu-Natali uMGungundlovu, kodwa idolobha elikhulu kunawo wonke kulesifundazwe iTheku.[4]

Iningi labantu abahlala kulesi sifundazwe ngamaZulu, futhi lesifundazwe saziwa eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele njenge khaya lamaZulu. IKwaZulu-Natali isogwini olusempumalanga nezwe lase Ningizimu Afrika.[5]

Lesi sifundazwe siyindabuko futhi nekhaya labantu abanjengo; Albert Luthuli, umuntu wokuqala onsundu ophuma ezwenikazi le-Afrika owanikezwa i-Nobel Peace Prize ngonyaka ka-1960; Pixley ka Isaka Seme, umuntu wokuqala onsundu eNingizimu Afrika owaba ngu-mmeli, waphinda wasungula iqembu lezepolitiki okuyilona elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika i-African National Congress (ANC); John Langalibalele Dube, umongameli wokuqala weqembu le ANC; UMasipala wesiFunda sase-Harry Gwala ilunga le ANC kanye neqhawe lomzabalazo elalwela futhi lakhankasela amalungelo abantu abansundu baseNingizimu Afrika; Mangosuthu Buthelezi, umuntu owasungula iqembu lezepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP); Jacob Zuma, owayenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika kanye no Shaka, iSilo esahlanganisa isizwe samaZulu.

Ezemvelo

[hlela | Hlela umthombo]

Ezomumo oMhlaba

[hlela | Hlela umthombo]
iHlathi ngaseMngeni

Isifundazwe sakwaZulu-Natali sinobungakho bendawo obungama-94,361 km² (ebusikhombiseni ezimfundazweni zaseNingizimu Afrika ngobukhulu bengakho yendawo). Ngasenyakatho, izintaba zoBombongweni zihlukanisa kwaZulu-Natali neSwazini kanye neMpumalanga, ngasentshonalanga, izintaba zoKhahlamba zihlukanisa kwaZulu-Natali noSotho. Egwini lilodwa empumalanga, kunelwandle lamaNdiya. Ngaphakathi, umhlaba uthi ukulingana ngaphandle kwokukuphuka nokwehla kancane okwenziwa izintabanyana. Imithombo yemifula eminingi isezintabeni zoKhahlamba: uThukela (umfulu umkhulu kunazo zonke), uMngeni, uMzimkhulu noMkhomazi. Ngasegwini kunamahlathi anemithi eminyene kakhulu, kodwa ngaphakathi ngunotshani oluningi. Ngasenyakatho kunehlathi lesavana kodwa ngasenyakatho-mpumalanga kunexhaphozi (indawo ehlezi inamanzi), enkulu futhi edumile emhlabeni wonke yiSimangaliso, eyaklomiswe njenge-Ndawo eyiGugu loMhlabawonke.

Ezesimo seZulu

[hlela | Hlela umthombo]
Isithombe esithathwe ngase lenyoni elikhobisa iqhwa oKhahlambeni oSotho nakwaZulu ngo-2016

Ngasegwini empumalanga, isimo sezulu sivame ukushisa, ukuna ngemvula eningi, nokubaswakama nokungaguquki kaningi enyakeni. Ogwini waseningizimu, imvula ivame ukuna ngamamilimitha ayi-1009. Kusukela uMasingane kufikela uNhlaba yisikhathi esishisa kakahulu, izinga lokushisa livame ukubangama-21°C kufikela ama-28°C kodwa isikhathi esibanda kakhulu, kusukela uNhlangulana kufikela uNcwaba olusukela 11°C kufikela 23°C. Ngasezintabeni zoKhahlamba kuvamile ukuthi kuwe ukhephu futhi eziqongweni zoKhahlamba kunokuba neqhwa ngesinye isikhathi. Ngaphakathi, kuvamile ukuthi ngohlobo kushise njengasegwini kodwa ebusika kubanda ukundla izindawo ezingasegwini.

Ezezinhlobonhlobo Zezinto Eziphilayo

[hlela | Hlela umthombo]
Izintaba zoKhahlamba

KwaZulu-Natali kunezinhlobo eziningi zezinto eziphilayo: izinhlobo zezitshalo zi-2,300 (futhi ezi-98 azitholakali kwezinye izindawo kuNomkhubulwane wonke), izinhlobo zezinyoni ezi-470 ezijwayelekile nezi-200 ezingajwakelekanga, nezinhlobo ezi-86 zezinyamazane. IziNtaba zoKhahlamba nesiXhaphozi esiyiSimangaliso zaklomiswa yiNhlangano Yezemfundo, Isayenzi Nezesiko Yezizwe Ezihlangeneyo njengeziNdawo Eziyigugu Emhlabeni Wonke ngenxa yobuningi bwezinhlobo zezinto eziphilayo ezibusiswe ngazo nokubaluleka kwazo eziphephisweni kwezinhlobo ezisencupheni. Ngenxa yokugawulwa kwezihlahla ukwenza izindawo ekungalinywa kuzo, ekukhiwa imizi kuyona nokwenza amalahle neminye imikhiqizo omthi, ukuvinjwa nokulawulwa kwemifula, ukusetshenziswa kamanzi amaningi, ukukhiqizwa kwentutu ngenxa kwamafektri nezindawo zokukhiqiza ugesi, nokungcoliswa kwezindawo ngezibi zabantu, izinhlobo eziningi zezinto eziphilayo zisencupheni futhi inani lalezo zinhlobo ziyanda minyaka yonke, kangangokuthi kubenesibiso sokuthi kuzolahlekelwa ezinye izinhlobo.

Ezombusazwe

[hlela | Hlela umthombo]
iSakhiwo sesiShayamthetho sakwaZulu-Natali eMngungundlovu

iSimo sezombusazwe sakwaZulu-Natali sihamba ngohlelo lwentandoyeningi ehambisana nobukhosi obungaphantsi komthethosisekelelo. Ngokomthetho wezokuHola nezokuBusa zoMdabu wesiFundazwe sakwaZulu-Natali waka-2005, iSilo samaBandla Onke, uMisuzulu kaZwelithini Zulu, iyinkosi yakwaZulu-Natali. Lokho kuchaza ukuthi umbuso uxhasa umuzi wasebukhosini okwemali. Futhi, kuchaza ukuthi iSilo inikezwe igunya lokulamula izindaba eziqondane nezesiko njengalezo ezibandakanya umuzi wasebukhosini kanye neziphakanyiswa namakhosi  nokunye okwesiko kwaZulu-Natali. Ubungakho bendawo obudlula amaphesenti angamashumi amathathu kwaZulu-Natali, kakhulu emakhaya, angaphantsi kweSilo ngenxa yokuthi ungumphathiswa oyedwa weSikhwama seNgonyama.

iNdunankulu yakwaZulu-Natali ikhethwa yiningi lamalunga wesiShayamthetho sesiFundazwe sakwaZulu-Natali iminyaka eyinhlanu kodwa angakhishwa esikhundleni sakhe ngaphamb’ ukuthi lesosikhathi siphele ngenani lamalunga wesiShayamthetho andlula amaphesenti angamashumi amahlanu nganoma yisiphi isizathu. iNdunankulu waKwaZulu-Natali ehleli esikhundleni kusukela ukhetho jikelele waka-2024 kunguMnum. Thamsanqa Ntuli ongusiHlalo sesiFundazwe saKwaZulu-Natali seNhlangano yeNkatha.

uMhlonishwa uMnm Thami Ntuli, iNdunankulu yakwaZulu-Natali

iNdunankulu iqoka aboNgqongqoshe abaphethe imiNyango kaHulumeni obhekani nemikhakha okuphatha ehlukile wombusazwe kwaZulu-Natali. iNdunankulu kanye naboNgqongqoshe bangamalunga oMkhandlu wokuPhatha wesiFundazwe sakwaZulu-Natali. iNdunankulu iphinde ibe ngusihlalo walowoMkhandlu. uMkhandlu wokuPhatha wesiFundazwe uxoxa uphinde unqume mayelana imingqubongomo ezolandelwa nguHulumeni wesiFundazwe sakwaZulu-Natali futhi unquma mayelana imithethosivivinywa ezophakamiswa esiShayamthethweni sakwaZulu-Natali. imiNyango kaHulumeni esiFundazwe ihlela futhi enze izinhlelo zombuso zokukhiqiza amasevisi emphakathini kulezozigaba eyivunyelwe nguMthethosisekelo waseNingizimu Afrika kanye nemithetho eshayiwe yiPhalamende yaseNingizimu Afrika.

isiShayamthetho sakwaZulu-Natali sikethwa yizakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezibhalisiwe ukuthi zivote ekhethweni wakwaZulu-Natali. uMthetho kaZwelonke awuvumi ukuthi kundlule iminyaka eyinhlanu isiShayamthetho sisehleli esikhundleni sayo olunye ukhetho lungakabikho. isiShayamthetho sikhetha ilunga linye layo ukuthi libe nguSomlomo – ohlela aphinde aphathe izinhlangano zayo. uMthethosisekelo waseNingizimu Afrika unikeze isiShayamthetho sesiFundazwe igunya lokushaya umthetho emikhakheni ethile njengezokuhlatshwa kwemfuyo, ezezincwadini zenguyanzo yekudayisa utshwala, ezokulima nokufuya, ezezimfundo ezingaphantsi, ezokuhlala kwabantu, amasevisi okuphilisa, nemigwaqo esifundazwe.

Njengezinye izikhungo zamagatsha ohulumeni wesifundazwe sakwaZulu-Natali, isaHluko sakwaZulu-Natali seNkantolo ePhakeme yaseNingizimu Afrika, sihleli eMngungundlovu iphinde ibe namahhovisi emadolobheni laseThekwini. Amacala aqhamuka ezinkantolo zikamantshi zindluliswa kulelinkantolo ngaphambe ukuthi andluliswelwe ezinkantolweni zimbili eziphezu kwayo iNkantolo ePhakeme: iNkantolo yoMthethosisekelo neNkantolo ePhezulu yokuDluliswa kwamaCala. uMehluleli-Mengameli wakwaZulu-Natala unguNkz. Thoba Poyo-Dlwati.

Ezombangazwe

[hlela | Hlela umthombo]
ukuHlephulelwana kweziHlalo esiShayamthetho sakwaZulu-Natali sukela ukhetho waka-2024

Ngemuva kokhetho jikelele waka-2024, izinhlangano ezilandelayo zikhone ukuthumela amalunga esishayamthethweni:

  • uMkhonto weSizwe: 45.35% wamavoti (izihlalo ezi-37)
  • iNkatha: 18.07% wamavoti (izihlalo ezi-15)
  • uKhongolose: 16.99% wamavoti (izihlalo ezi-14)
  • iDemocratic Alliance: 13.36% wamavoti (izihlalo ezi-11)
  • iEconomic Freedom Fighters: 2.26% wamavoti (izihlalo ezi-2)
  • iNational Freedom Party: 0.56% wamavoti (isihlalo esisodwa)

Inhlangano yoMkhonto weSizwe yayisungulwe owanyenguMengameli uMnm. Jacob Gedleyihlekisa Zuma ngomhla ka16 kaZibandlela ngo-2023. Lokho kuchaza ukuthi lenhlangano yayingakancintisani nezinye izihlangano ekhethweni jikelele ngaphambu kwaleli. Ngenxa yokusungulwa kwaleliqembu, i-ANC yalahlekelwa amavoti angama-23.27% elilalilodwa embusweni kwaZulu-Natali. NomaCuningi lwencazelo yokuncipha ao lamavoti ngokulwe-ANC kungenxa ye-MKP, yathinteka ngokuthi i-IFP yakhula ngebalo lamavoti kancance (2.73%).

Emuva kwalokhetho, amaqembu e-IFP, i-ANC ne-DA avumelana ukwakha umfelandawonye okuphatha esifundazweni. Ngenxa yololu, i-MKP yasalelangaphandle ezombusazwe – yaphatha isikhundla sokuPhikisana okoMthetho eSishayamthethweni. Lokhu kuchaza ukuthi leziziqembu zikhethe ukuhlephulelana izikhundla zobuNgqongqoshe eMkhandlwini wokuPhatha wesiFundazwe nokukhetha uMnm. Thami Ntuli abeyiNdunankulu yesiFundazwe.

oMasipala

[hlela | Hlela umthombo]
oMasipala kwaZulu-Natali
  • uMasipala weDolobhakazi laseThekwini
  • uMasipala wesiFunda samaJuba
  • uMasipala wesiFunda sakaHarry Gwala
  • uMasipala wesiFunda seLembe
  • uMasipala wesiFunda seNgonyama uCetshwayo
  • uMasipala wesiFunda seGu
  • uMasipala wesiFunda soMngungundlovu
  • uMasipala wesiFunda soMkhanyakude
  • uMasipala wesiFunda soMzinyathi
  • uMasipala wesiFunda soThukela
  • uMasipala wesiFunda sakwaZulu

Amaphethelo

[hlela | Hlela umthombo]

iKwaZulu-Natali yakhelene nemingcele yamazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwatini kanye ne Lesotho kulezindawo;

  • Isifundazwe seMaputo (eMozambiki)
  • Esigodini seLubombo (eSwatini)
  • Esigodini seShiselweni (eSwatini)
  • Esigodini seMokhotlong (oSotho)
  • Esigodini seThaba-Tseka (oSotho)
  • Esigodini seQacha's Nek (oSotho)

eNingizimu Afrika lesifundazwe sinamaphethelo nalezifundazwe;

Ulimi olukhunyulwa kakhulu kunazo zonke izilimi kulesifundazwe IsiZulu kulandele IsiNgisi kugcine ngesiXhosa. Lezilimi; IsiBhunu, IsiSuthu, kanye nesiSwazi ziyakhulunywa kulesifundazwe kodwa abantu abazikhulumayo bancane.

Izilimi ezikhulunywa kakhulu KwaZulu-Natali
     IsiBhunu      IsiNgisi      IsiXhosa      IsiZulu      IsiSuthu      IsiSwazi      Alukho ulimi oludlula ezinye izilimi

Ezemfundo

[hlela | Hlela umthombo]
Umbhongosho waseNyuvesi yakwaZulu-Natali eMngungundlovu

Umyango Wezemfundo waKwaZulu-Natali usebenzisana nemiNyango Yezimfundo Eziphakeme Nezimfundo Eziyisisekelo ukuhlela izimfundo kwaZulu-Natali. Lesisifundazwe sinamanyuvesi amane:

iKwaZulu-Natali inezinkinga ezijwayelekile eNingizimu Afrika mayelana ezemfundo, ngengabafundi abahluleka ukuphasa ngenxa yokushodwa kwengqalasizinda wezemfundo, othishela nezinye izinsiza zokufunda. Kepha, iKwaZulu-Natali yaqhaqanjiswa nguNgqongqoshe kaZwelonke wezeMfundo eziyisiSekelo, uNkz Siviwe Gwarube ngo-2024, ngokukhiqiza abafundi abaphase ngamaBhatshela abaningi ngenani kuzonke izifundazwe zaseNingizimu Afrika kuleyonyaka futhi kwakuyisona isifundazwe esinqengeleze phambili ekukhiqizweni kwabafundi abaphase ngama-Distinction. iKwaZulu-Natali ilale esibili ekukhiqizweni kwabafundi abaphase umatekuletsheni emuva kweFuleyistati: 89.5% ngo-2024.

Ezimfundweni eziphakemeyo, iNyuvesi yakwaZulu-Natali isezingeni lezi-501 kufikela 600 ohlwini eqhathanisa amanyuvesi emhlabeni wonke alotshwe yizikhungo ezihloniphekile ekucwaningweni kwezemfundo eziphakeme: i-QS (Quacquarelli-Simmonds), i-Times Higher Education kanye ne-ARWU World. Lokho kusho ukuthi ihamba phambili kwaZulu-Natali emanyuvesini, futhi ilale esi-6 emanyuvesini waseNingizimu Afrika jikelele. iKwaZulu-Natali isezingeni eliphezulu eNingizimu-Afrika ekucwaningweni kwezempilo njengokulapha kwesifo seNculazi namagciwane ahlukene, ezefisikisi yomkhathilibe, kanye nezemvelo.

Ezemidlalo

[hlela | Hlela umthombo]

Imicimbi emikhulu yezemidlalo eyenzeka kwisifundazwe saKwaZulu-Natali;

  • Midmar Mile, umcimbi wokubhukuda.
  • Dusi Canoe Marathon, umcimbi womjaho wezikebhe oqala eMgungundlovu uphele eThekwini.
  • Durban July, umjaho wamahhashi owenzeka nyaka nonyaka e-Greyville Racecourse eThekwini. Lomjaho iwona omkhulu kunayo yonke imjaho yamahhashi eNingizimu Afrika.
  • Comrades Marathon, umjaho omkhulu kunayo yonke eNingizimu Afrika. Ibanga lalomjaho lihlanganisa uMgungundlovu neTheku.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Lincoln, M.D., 1977. The genesis of Kwazulu: a study of the spatial impact of state and capital in South Africa, with particular reference to the period between 1972 and 1975.
  2. Munsense, I.M. and Tsoka-Gwegweni, J.M., 2023. Perceived Health System Challenges of Implementing Cross-Border Malaria Preventive Measures at Ports of Entry in KwaZulu-Natal. Annals of Global Health, 89(1).
  3. 1 2 3 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885.
  4. "Durban - Britannica". britannica.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-03-25.
  5. "KwaZulu Natal". kwazulunatal-info.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-03-25.[dead link]


Izifundazwe zaseNingizimu Afrika Ifulegi laseNingizimu Afrika
iFleyistataiGauteng Nyakatho KapaNtshonalanga Kapa
KwaZulu-NatalMpumalanga KapaLimpopoMpumalangaNyakatho-Ntshonalanga