Jump to content

INgonyama uJama kaNdaba

Mayelana Wikipedia

INgonyama uJama (c. 1727–1781) izalwa iNgonyama uNdaba kwiNdlovukazi uSithuli. INdlovukazi uSithuli waba iNldovukazi kwaZulu ngoba wayezalwa ebukhosini bukaMntwana uMpangazitha kaMageba esigodlweni saseMakheni. Bonke abendlu kaMpangazitha base bezakhele ubukhosi ubukhosi babo obabaziwa ngokuthi ubukhosi bakwaShandu.

INgonyama uNdaba yaganwa ngamakhosikazi amaningi kepha mathathu kuphela agqama emlandweni wesizwe samaZulu. INkosi uNdaba yaganwa iNdlovukazi eyazala uMntwana uXhoko wesizwe sakwaBiyela.[1] INgonyama uNdaba yaphinde yagwanwa uNdlunkulu uMaNtshangase owazala uMntwana uMnomo owaba iNkosana yeNdlu yaseGazini.[2] INgonyama uNdaba yaphinde yaganwa yintombi yaseBukhosini baseMambatheni uSithuli kaNkombane wasoSebeni. UNdlunkulu uSithuli wathola izingane ezimbili zabafana okwakunguMntwana uJama kanye noMntwana uNkwelo.[3]

Impilo yeNgonyama uJama kusuka ebuncaneni bakhe

[hlela | Hlela umthombo]

Nakuba kungaveli kangakho ukuthi iNgonyama yabe ikhule kanjani kodwa kwakuvamile ukuthi abafana bakhule belusa imfuyo.

Ukuganwa kweNgonyama uJama kaNdaba

[hlela | Hlela umthombo]

INgonyama uJama yaganwa iNdlunkulu uMaSibiya okaSikhombazana. INdlunkulu okaSikhombazana wazala izintombi ezintathu akaze aphiwa uMntwana womfana. Lezi zintombi kwaba ngabaNtwana uMmama, uMkabayi kanye noMawa. INgonyama uJama yaphinde yaganwa uNongiya. UNdlunkulu uNongiya wazala uMntwana uSojiyisa nowaba iNkosana yaseKhohlo. INgonyama yaphinde yaganwa iNdlunkulu uMaZungu owazala uMntwana uMkhazana.

INgonyama uJama yaphinde yabuyela kwaSibiya yayocela uMntwana uMthaniya kaManyelela ukuba azokhulisa izingane zikadadewabo okaSikhombozana. INdlunkulu uMthaniya yazibula ngengane yomfana ekuganeni kwayo okwakunguMntwana uPhalo owashona esemncane. INdlunkulu yabe isithola omunye uMntwana uSenzangakhona owaba iNkosana yaseNdlunkulu. Nakuba iNgonyama yayizele amadodana amaningi ngoba yayiganwe ngoNdlunkulu abaningi phezu kwalaba ababaliwe kepha kwagqama uMntwana uMkabayi, Senzangakhona kanye noMntwana uSojiyisa. INgonyama uJama yakhothama uSenzangakhona esemncane kakhulu ukuba angathatha isikhundla sobukhosi. UMntwana uSenzangakhona wabe esebanjelwa ubukhosi nguMntwana uMudli kaNkwelo kaNdaba wendlu yaseGazini.

Izigodlo zeNgonyama uJama

[hlela | Hlela umthombo]

INgonyama uJama yakha izigodlo eziningi endaweni yaseMakhosini. Kungabalwa eSiklebheni[4], kwaNobamba[5], kwZindela, kwaZwangendaba naseMqekwini.[6] Isigodlo esigqame kakhulu emlandweni wesizwe samaZulu namuhla isigodlo sakwaNobamba. Lesi sigodlo sigqame kakhulu ngoba ilapha kuvela khona uNomthebe wesizwe sikaZulu.

Izizwe ezidabuka esigodlweni kwaNobamba

[hlela | Hlela umthombo]

Izindlu ezidabuka kwanobamba namuhla ezibizwa ngezibongo ezahlukene. Ezinye zalezi zindlu azisayazi imvelaphi yazo.

Indlu yakwaNobamba

[hlela | Hlela umthombo]

AMakhosi onke ohlanga akwaZulu adabuka endlini yakwaNobamba. Lendlu iyona yodwa iyona eyayiyikhanda kanye nenhloko yazo zonke izigodlo zakwaZulu ngaphambi kokubusa kweNgonyama uDinuzulu. INgonyama uDinuzulu ekubuseni kwayo yabe seyakha isigodlo sasoSuthu okuyiyona yodwa inhloko nekhanda lezigodlo zakwaZulu. Yiyo kuphela iNdlu lena kwaZulu lapha kuzalwa khona uNomthebe wesizwe.

Indlu yaseGazini

[hlela | Hlela umthombo]

Lena kwabe kuyindlu yoMntwana uMathaka kaMageba owabe eyikhanda lo muzi waseGazini. Ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uJama lo muzi wenganyelwa uMntwana uMudli kanye noMntwana uMnomo kanye noMntwana uSithayi. [6] Umuzi waseGazini wahlukana kwabili. Kwabakhona iGazi likaMntwana uMudli elisizinda salo sikwaDukuza phezu komfula uMvoti bese kuba khona abaNtwana bendlu abakhe phezu komfula uThukela ngaphansi kwesifunda sakwaMaphumulo. Kukhona futhi iGazi likaMntwana uZivalele laseMnyandlwini. Isizinda sabaNtwana baseGazini siphakathi kwaseNtshazatshe kanye nakwaCeza. INkosana yabo ebibusa bekunguMntwana uBhota kaMabhekeshiya emzini waseMathongeni endaweni yaseHlonyana (Gluckstadt) [6]

Indlu yakwaMandlakazi

[hlela | Hlela umthombo]

UMntwana uSojiyisa wazalelwa eMqekwini kodwa okwathi ekukhuleni kwakhe wabe esephuma esakha owakhe umuzi owaziwa ngokuthi kukwaMandlakazi. AbaNtwana bendlu kaSojiyisa basekhona namanje iNkosana yabo ebusayo uMntwana uBhekintinta kaPhumanyova kaBhokwe kaZibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama. Ihlalankosi lesizwe sakwaMandlakazi kuseBhanganoma, kwaNongoma.[7]

  1. Scheub, H. (1996). The tongue is fire: South African storytellers and apartheid. University of Wisconsin Press.
  2. Holleman, J. F. (1986). The structure of the Zulu ward: (Part 1 of “Die Zulu Isigodi”, 1941). African Studies, 45(2), 109-133.
  3. LAMBERT, J., PEIRES, J., SIMKINS, C., THOMPSON, P., DAVEY, A., DAVENPORT, T., ... & BRITS, J. (1982). Boekbesprekings/Book Reviews.
  4. https://bayedenews.com/2016/05/20/kafushane-ngolibo-lwengonyama-usenzangakhona/
  5. Shamase, M. Z. (2014). The royal women of the Zulu monarchy through the keyhole of oral history: Queens Nandi (c. 1764–c. 1827) and Monase (c. 1797–1880). Inkanyiso: Journal of Humanities and Social Sciences, 6(1), 1-14.
  6. 6.0 6.1 6.2 Zulu, B. Z. (2005). Umongo ka Zulu : the marrow of the Zulu nation. Lotsha, pp. 51-52.
  7. https://www.visitnongoma.com/attractions/royal-houses-and-their-palaces/