INguqulo Yezimboni

Mayelana Wikipedia

Standard_Oil

INguqulo yeziMboni ichazwa ngokuthi ukushintshela ezinqubweni ezintsha zokukhiqiza e-Great Britain, ezwekazini laseYurophu, naseMelika, okwenzeka phakathi nenkathi eqala cishe ngowe-1760 kuya cishe kowe-1820-1840. Lolu shintsho lwaluhlanganisa ukusuka ekukhiqizeni ngesandla kuya ekukhiqizeni ngezinguxa; izinqubo zokukhiqiza ngesiqa nokukhiqiza ngensimbi; ukusetshenziswa kwamandla wamanzi namandla womusi okukhulayo; ukuthuthukiswa kwamathuluzi enguxa; nokuqonga kwezinhlelo zomkhando ezifakwe izinguxa. Iziphumo zakhula kakhulu, futhi umphumela kwaba ukuqonga okungalindelwe lwamanani wabantu nokwezinga lokukhula kwenani labo.