Jump to content

INguqulo Yezimboni

Kubuya ku Wikipedia

Standard_Oil

INguqulo yeziMboni ichazwa ngokuthi ukushintshela ezinqubweni ezintsha zokukhiqiza e-Great Britain, ezwekazini laseYurophu, naseMelika, okwenzeka phakathi nenkathi eqala cishe ngowe-1760 kuya cishe kowe-1820 kuya kowe-1840. Lolu shintsho lwaluhlanganisa ukusuka ekukhiqizeni ngesandla kuya ekukhiqizeni ngezinguxa; izinqubo zokukhiqiza ngesiqa nokukhiqiza ngensimbi; ukusetshenziswa kwamandla wamanzi namandla womusi okukhulayo; ukuthuthukiswa kwamathuluzi enguxa; nokuqonga kwezinhlelo zomkhando ezifakwe izinguxa. Iziphumo zakhula kakhulu, futhi umphumela kwaba ukuqonga okungalindelwe lwamanani wabantu nokwezinga lokukhula kwenani labo.

Iningi locandululo lobuchwepheshe nolwezakhiwo lwalungolwamaNgisi.[1][2] Maphakathi nekhulu le-18, elamaNgisi kwakuyizwe eladonsa phambili kwezentengiselwano,[3] futhi lalilawula umbuso wembulunga kwezohwebo nezindawo eliziqonele eMelika eseNyakatho naseziqhingini zaseCarribean, futhi lalichachaza kwezempi nakwezombangazwe.[4][5][6][7] Intuthuko kwezohwebo nokuvuka kwemihwebo kwakuyisisusa esikhulu seNguqulo yezimboni.[8]: 15  Iziphumo kwezomthetho ezifana nokushaywa komthetho ovuna amalungelo empahla. zalekelela inqugulo. Umoya wokuhweba nenguqulo kubashwabadeli kwasiza ekwenzeni leli zwe ukuphehla izimboni.[9]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ Horn, Jeff; Rosenband, Leonard; Smith, Merritt (2010). Reconceptualizing the Industrial Revolution. Cambridge MA, London: MIT Press. ISBN 978-0-262-51562-7.
  2. ↑ E. Anthony Wrigley, "Reconsidering the Industrial Revolution: England and Wales". Journal of Interdisciplinary History 49.01 (2018): 9–42.
  3. ↑ Reisman, George (1998). Capitalism: A complete understanding of the nature and value of human economic life. Jameson Books. p. 127. ISBN 978-0-915463-73-2.
  4. ↑ Tong, Junie T. (2016). Finance and Society in 21st Century China: Chinese Culture Versus Western Markets. CRC Press. p. 151. ISBN 978-1-317-13522-7.
  5. ↑ Esposito, John L., ed. (2004). The Islamic World: Past and Present. 1: Abba – Hist. Oxford University Press. p. 174. ISBN 978-0-19-516520-3. Archived from the original on 16 January 2023. Kulandwe ngomhlaka 30 May 2019. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  6. ↑ Ray, Indrajit (2011). Bengal Industries and the British Industrial Revolution (1757–1857). Routledge. pp. 7–10. ISBN 978-1-136-82552-1. Archived from the original on 16 January 2023. Kulandwe ngomhlaka 30 May 2019. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  7. ↑ Landes, David (1999). The Wealth and Poverty of Nations. W.W. Norton & Company. ISBN 978-0-393-31888-3.
  8. ↑ Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named "David S. Landes 1969".
  9. ↑ Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named "Kiely".