INguqulo yeziMboni yesibili
Appearance
INguqulo yeziMboni yesibili, eyaziwa nangokuthi inguqulo yezobuchwepheshe, kwakuyisigaba semivubukulo yenzululwazi esisheshayo, ukufakwa endinganisweni, ukukhiqiza ngenala nokwanda kwezimboni kusuka ekupheleni kwekhulu lwe-19 kuya ekuqaleni kwekhulu lama-29. INguqulo yeziMboni yokuqala, eyaphela maphakathi nekhulu le-19 yakhawulwa ukugqoza kweziqambo ezibalulekile ngaphambi kweNguqulo yeziMboni yesibili ngowe-1870. Nakuba kunezenzakalo ezaziwayo zocandululo nokukhiqiza, ezifana nokusungulwa kwemboni yamathuluzi enguxa, ukuthuthukiswa kwezindlelasu zokukhiqiza izingxenye, kanye nokuqanjwa kwenqubo ka-Bessemer yokukhiquza inqimbi, iNguqulo yeziMboni yesibili ngokuvamile ibalwa eminyakeni we-1870 kuya kowe-1914 (ekuqaleni kweMpi yoMhlaba I).