Jump to content

ISabatha

Mayelana Wikipedia

Ezinkolweni zika -Abrahama , iSabatha (lisuka olimini lwesiHeberu elithi שַׁבָּת Šabbāṯ ) kuwusuku olubekelwe ukuphumula nokukhonza. NgokweNcwadi ka-Eksodusi , iSabatha liwusuku lokuphumula ngosuku lwesikhombisa, oluyalwe nguNkulunkulu ukuba lugcinwe njengosuku olungcwele lokuphumula, njengoba uNkulunkulu ephumula ekudalweni .  Umthetho wokugcina iSabatha ( iShabbat ) usuka emyalweni weBhayibheli othi “ Khumbula usuku lwesabatha, ulungcwelise ”.

ISabatha ligcinwa enkolweni yobuJuda nakwezinye izihlobo zobuKristu ( njengamanye amahlelo obuProthestani nawaseMpumalanga ). ENingizimu Afrika iSabatha ligcinwa kakhulu inkolo yobuNazaretha. Imikhosi efana neSabatha, noma evela kulo, ikhona nakwezinye izinkolo. Leli gama lingase lisetshenziswe ngokuvamile ukuchaza imikhosi efanayo yamasonto onke kwezinye izinkolo.