ISwidi
|
| |||
| Isiqongo | IStokholmu | ||
| Idolobha elikhulu | IStokholmu | ||
| Ulimi | IsiSwidi | ||
| Inkolo | UbuKrestu | ||
iSwidi (ngokomthetho Umbuso waseSwidi, ngesiSwidi: Sverige) iyizwe enhlonhlweni yesiKandinaviya enyakatho lweYurophu. Inomngcele neNoki ngasentshonalanga nasenyakatho, iFini ngasempumalanga kanye nomngcele olwandleni neDanimaki. Inenani labantu abandlula izigidi ezi-10.6. Inobungakho bendawo wezi-450,295 zamakhilomitha skwele. Iyizwe lesihlanu ngobukhulu bobungakho bendawo eYurophu.
Isiqonga futhi esiyidolobhankulu siseStokholmu. Abantu bebahlala eSwidi kusukela izi-12000 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu (BC). Endulo kwakukhona izizwe ezimbili: amaGötar (amaYatha) kanye namaSvear (amaSwaya). Labantu bebadume ngokuhamba ngemikhumbi. Ekhulwini leshumi iSwidi yasungulwa. Nge-1397, iSwidi ihlangane neNoki neDanimaki kwuBumbano weKalmar. iSwidi ishiye lobumbano nge-1523.
iSwidi izibandakanye eMpini yemiNyaka eyi-30 ehlangothini lamaProthestanti ekuholele ekunqotshweni kezizwe nokuzidlela umhlaba ngakho kwazalwa Umbuso wamaSwidi. Ngenxa yokulawula iningi lolwandle wamaBhalitiki, iSwidi yayizwe elinamandla amakhulu kufika kwikhulu le-18. iFini yayingaphansi kweSwidi kufika ku-1809 ngenkathi Umbuso waseRashiya uwuyinqoba. Ngo-1814, iSwidi iphoqe iNoki ukuthi ingene obumbanweni enkosini ayodwa.
iSwidi isezingeni eliphezulu lentuhtuko yabantu kanye nomkhiqizo omnotho ngenyaka okwomuntu. Ibuswa ngohlelo lwentandoyeningi yephalamende engaphansi kwobukhosi bomthethosisekelo. Amandla okushaya umthetho aphethwe yiRiksdag. iSwidi unohlelo lamaNosi wenhlala nhle ehlinzekela izakhamuzi zayo ukwelapha jikelele kanye nemfundo yesigaba sesithatu emahala. iSwidi iyilunga lwoBumbano waseYurophu nge-1995 futhi ingene kwi-NATO nge-2024 ngenxa yempi yeRashiya neYukreyini ye-2022.
| IYurophu | |||
| IYurophu laseMpumalanga | IBelarusi • IBulgariya • ITsheki • IHungariya • IMoldova • IPolandi • IRomaniya • IRashiya • ISlovaki • I-Yukreyini | IYurophu laseNyakatho | IDenimaki • I-Estoniya • IFinlandi • IGernseyi • I-Ayisilandi • I-Ayilendi • ILatviya • ILithuwaniya • INoki • ISwidi • Umbuso Ohlangeneyo |
| IYurophu laseNingizimu | I-Albaniya • I-Andora • IBhosniya neHerzegovina • IKrowati • IGreki • ITaliya • IMakedoniya • IMalta • IMontenegro • IPhothugali • USanti Marino • ISerbiya • ISloveniya • ISpeyini • Indolobha yaseVathikhani | IYurophu laseNtshonalanga | I-Ostriya • IBheljiya • IFulansi • IJalimani • ILitenisteni • ILakisembagi • IMonako • Netherlands • ISwisi |
| I-Eshiya laseNtshonalanga | I-Armeniya • I-Azerbajani • IKhupro • IJorjia • ITheki | I-Eshiya laPhakathi |
IKazakhistani |