Imfundo ephakeme


Imfundo ephakeme iyisigaba semfundo esilandela emva kokuphothulwa kwemfundo yamabangaphezulu. IBhange Lomhlaba lichasisa imfundo ephakeme njengehlanganisa amaNyuvesi, amaKolishi nezikole zomsebenzi.[1] Imfundo ephakeme ithathwa njengehlanganisa imfunda nabagogodi, kuyilapho imfundo yomsebenzi elabdela imfundo yamabangaphezulu yaziwa ngokuthi imfundo eqhubekayo.
Imfundo ephakeme ngokuvamile iholela ekutholeni izifakazelo, amadiploma, namadegree. Imfundo ephakeme lapho yeziqo ezingeyona I degree ibizwa ngokuthi imfundo eqhubekayo.
INhlangano iUNESCO iveze ukuthi imfundo ephakeme ihlozinge esigabaveni sokufunda emkhakheni ekhethekile. Ihlanganisa imfundo yomsebenzi yakwaNgqondonkulu nephakeme.[2] Umbiko Wentuthuko Yomhlaba wezi-2019 okhishwa iBhange loMhlaba, laveza lokhu ngengomuso lomsebenzi[3] njengoba ingomuso lomsebenzi nokwanda kweqhaza lezobuchwepheshe kusizimaluhide (value chains) imfundo ephakeme ingundabamlonyeni kubasebenzi abafuna imisebenzi endayini yemisebenzi.
Incasiselo
[hlela | Hlela umthombo]
Imfundo ephakeme iyisigaba sesithathu umfundi angakhetha ukusihamba, esilandela imfundo yamabangaphezulu. Lesi sigaba sihlanganisa amaNyuvesi, amaKolishi nezikhungo zemisebenzi, zonke ezihlinzeka abafundi ngeziqu ezingekho ezikolni zamabangaphezulu.
Ngokohlelo Lamazwe Omhlaba Lomjinjo Wezemfundo langowe-1997, imfundo ephakeme yayijinjwa ndawonye esigabeni wesihlanu bese izifundo zobungcituabuchopho zona zibe isigaba 6. Ngowezi-2011 lokhu kwalungiswa futhi kwandiswa ngokohlelo okusha olubizwa ISCED#2011. Imfundo ephakeme ezingeni lobumfunda, ubuhuqazi nobingcitha yafakwa esigabeni 6, 7, and 8. Izigaba zemfundo ephakeme ezingakhiphi amadegree zona kuthiwa imfundo esaqhubeka, futhi zona zisegabeni se-4 nese-5.[4]
uMlando
[hlela | Hlela umthombo]

Izikhungo zemfundo ephakeme ezindala nezaziwayo zavela eGibhithe, ngeziNdlu Zempilo ezibizwa Pr-Anx ezakhiwe njengemitapolwazi nezokubhalela, ezaziqukethe imisebenzi yezomthetho, ezokwalha, umchazazibalo, ezokwelapha futhi ziqeqesha kokubili "swnw" (abesilisa) "swnwt" (nabesifazane) ukuba babe yizinyanga.[7]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Tertiary Education". World Bank (in i-English). Archived from the original on 2017-12-10. Kulandwe ngomhlaka 2025-12-14.
- ↑ "Tertiary education (ISCED levels 5 to 8)". UNESCO. Archived from the original on 8 February 2020. Kulandwe ngomhlaka 2018-07-02.
- ↑ "World Bank World Development Report 2019: The Changing Nature of Work" (PDF). documents.worldbank.org. Archived from the original (PDF) on 2019-09-06. Kulandwe ngomhlaka 2025-12-14.
- ↑ "Revision of the International Standard Classification of Education (ISCED)" (PDF). www.uis.unesco.org. Archived from the original (PDF) on 2017-05-25. Kulandwe ngomhlaka 2025-12-14.
- ↑ Storia d'Italia. 4. Torino: UTET. 7 August 1981. p. 122. ISBN 88-02-03568-7.
- ↑ Delle Donne, Fulvio (2010). Storia dello Studium di Napoli in età sveva (in isi-Italian). Mario Adda Editore. pp. 9–10. ISBN 978-88-8082-841-9.
- ↑ Gordan, Andrew H.; Shwabe, Calvin W. (2004). The Quick and the Dead: Biomedical Theory in Ancient Egypt. Egyptological Memoirs. Leiden: Brill Academic Publishers. p. 154. ISBN 978-90-04-12391-5.