Inkohlakalo kwezezimali eNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

Inkhohlakalo kwezezimali eNingizimu Afrika ibandakanya ukusetshenziswa kwemithombo nezimali zesizwe ukuzuzisa abantu ngasese, ukufumbathisa nokuzibonelela ngasese. [1] I-Transparency International Corrupt Perceptions Index yango 2017 inikeze iNingizimu Afrika inkomba yama-43 kwizinkomba ezingu-100, eNingizimu Afrika lokhu okubeka iNingizimu Afrika emkhakheni ka 71 emazweni angama 180.[2] Lesi simo simele ushintsho lokwehlela ezansi ngamaphoyinti amabili ukusuka ku 45 (2016 CPI). [3] Amazwe anamazinga angaphansi kwama 50 akhombisa ukuba nezinkinga ezinkulu zenkohlakalo kwezezimali. [4] Ihlazo lakamuva elenzeka kusukela ngonyaka ka-2016 elibandakanya owayenguMongameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma elidonse amahlo ukubheka kwezenkohlakalo yezezimali eNingizimu Afrika. UCyril Ramaphosa, uMongameli waseNingizimu Afrika osanda kukhethwa, usefunge ukuthi uzobhoncula inkohlakalo kwezezimali ekhona futhi nokuqhubekela phambili ukulwanokuvimbela nokulwa nenkohlakalo . [5]

INingizimu Afrika inohlaka oluqinile lokulwa nenkohlakalo, kodwa imithetho ayilandelwa nokuqikelelwa ngokwanele kanti futhi nokuqinisekisa ukuthi iziphathimandla nabasezikhundleni kumbuso akwenziwa ngendlela efanele. [6] Ngaphezu kwalokho, kukhona izihibe ezenziwe ezivimbela ukuthi abantu babike ngamahlebezi ukwenziwa kwenkohlakalo yezezimali emkhakheni kahulumeni kanye nasemkhakheni wamabhizinisi angasese. Ihlazo elisanda kuvela elibandakanya umndeni wamaGupta nowayenguMengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma, labangela ukususwa kukaZuma esikhundleni sobungameli kanye nokuveza uhla olude lwezikhalazo zenkohlakalo kwezezimali okwenziwa yilowo owayengumengameli wezwe. [7] Izikhalazo ezazibhekiswe kuZuma ngokusetshenziswa kwezimali zombuso kumakontraki emabhizinisini axhumene noma anobudlelwane obusondelene nomndeni kamongameli naxhumene nabo. [8]

Indlela inkohlakalo kwezezimali ebonwa ngayo eNingizimu Afrika[hlela | Hlela umthombo]

Ngo-2013, umbiko we- Afrobarometer ukhombisa ukunyuka okukhulu ngendlela abantu ababona ngayo ezenkohlakalo kwezezimali ukusukela ngonyaka ka-2008. [9] Cishe ingxenye yabantu abangaphezulu kukuhafu ezwenikazi le-Afrika (56%) ikholelwa ukuthi izwe labo kuningi elingabe liyakwenza ukuvimbela inkohlakalo kwezezimali, Ama-66% abantu baseNingizimu Afrika bakholelwa ukuthi uhulumeni bekumele athathe izinyathelo eziningi zokunciphisa inkohlakalo kwezezimali. [10] INingizimu Afrika iphakathi kwamazwe asezingeni eliphansi lapho izakhamizi ziqondane nenkohlakalo yezezimali ngqo ngokwazo. Bangama-15% kuphela abantu baseNingizimu Afrika abavuma ukuthi bakhokhele ukufumbathisa ngonyaka owedlule. Amaphesenti alinganiselwa cishe ku 30% bama-Afrika abakhokhela ukufumbathisa ngonyaka owedlule. [11]

Phakathi konyaka ka-2011 no-2015, ukwamukeleka kwalowo owayenguMongameli uZuma kwehla kwafinyelela ku 36% ngenxa yemibiko yenkohlakalo kwezezimali nobuholi obungamukelekile. [12] Iningi labantu baseNingizimu Afrika likholelwa ukuthi amagatsha ehlukene kahulumeni kumele engamele eminye imisebenzi yamagatsha. Cishe ikota yabantu baseNingizimu Afrika bazizwa sengathi kufanele babe nesibopho sokuqikelela ukuthi abantu abakhethwe ezikundleni nabaholi kumele babhekwe ngeso lokuqapha indlela abenza ngayo imisebenzi yabo. [13]

Inqubo yobandlululo nenkohlakalo kwezezimali[hlela | Hlela umthombo]

Izinhlobo Zenkohlakalo yezezimali eNingizimu Afrika[hlela | Hlela umthombo]

  1. Political Corruption in South Africa. https://books.google.com/?id=49y50pzjAzAC&pg=PA404#v=onepage&q&f=false. 
  2. "South Africa".
  3. "South Africa".
  4. "South Africa".
  5. "The delicate dance to depose Jacob Zuma".
  6. "Business Corruptiion in South Africa".
  7. "The delicate dance to depose Jacob Zuma".
  8. "Long waltz to Freedom: South Africa Politics".
  9. "South Africans increasingly dissatisfied with their elected leaders' performance". AfroBarometer. http://afrobarometer.org/sites/default/files/publications/Dispatches/ab_r6_dispatchno65_south_africa_leadership_performance_24112015.pdf. Retrieved 1 March 2018. 
  10. "South Africans increasingly dissatisfied with their elected leaders' performance". AfroBarometer. http://afrobarometer.org/sites/default/files/publications/Dispatches/ab_r6_dispatchno65_south_africa_leadership_performance_24112015.pdf. Retrieved 1 March 2018. 
  11. "South Africans increasingly dissatisfied with their elected leaders' performance". AfroBarometer. http://afrobarometer.org/sites/default/files/publications/Dispatches/ab_r6_dispatchno65_south_africa_leadership_performance_24112015.pdf. Retrieved 1 March 2018. 
  12. South Africans increasingly dissatisfied with their elected leaders' performance. http://afrobarometer.org/sites/default/files/publications/Dispatches/ab_r6_dispatchno65_south_africa_leadership_performance_24112015.pdf. 
  13. South Africans increasingly dissatisfied with their elected leaders' performance. http://afrobarometer.org/sites/default/files/publications/Dispatches/ab_r6_dispatchno65_south_africa_leadership_performance_24112015.pdf.