Intwentshe

Mayelana Wikipedia
Ukugqoba intwentshe esihlahleni, ukuze isetshenziswe ekukhiqizeni injoloba

Intwentshe iyinhlengenhlenge (emulsion) yezinhlayiyancinci zentshogcezi (polymer microparticles) ezisemanzini. Izintwentshe zitholakala emvelweni, kodwa izintwentshe ezikhandiwe nazo zidumile.

Emvelweni, intwentshe itholakala ingumtshoko osabisi ezitshalweni eziqhakazayo ezingaba ishumi ekhulwini. Iyinhlengenhlenge eyinkimbinkimbi eshumanqayo lapho ihlangana nomoya, equkethe Izakhamzimba, alkaloids, starches, Ushukela, Amafutha, tannins, resins, and gums. Uvame ukutshokozwa emva kokulimala. Ezitshalweni eziningi, intwentshe imhlophe sabisi, kodwa kwezinye iphuzi, intshungwa, noma intwentshe emtshezi. Umsebenzi wayo ezitshalweni ukuzivikela izinambuzaneni ezidla Izitshalo. Intwentshe akufanele iphambaniswe nomtshoko wesitshalo (sap); ngoba uyisiqa esihlukile, esikhiqizwa ngokuhlukile futhi esinemisebenzi ehlukile.

Ngokuvamile imikhiqizo yentwentshe ibizwa ngokuthi ngeyenjoloba, lokhu kungenxa yokuthi intwentshe igama elibuye libhekisele kwinjoloba yemvelo, ikakhulu injoloba engaphekiwe.