IsiThununu esiluntinti

Mayelana Wikipedia
Isihlanzi esilinya sesithununu

Isithununu esiluntinti siyinguxa yenhleleleko ekwazi ukuzidikizisa. Ezobuthununu obuntinti zivame ukuthathwa njengomkhakhana ophansi kwezobuthununu nobunjiniyela bokwaziswa.


Izithununu eziluntinti zinekhono lokudikiza zihambe endaweni ezikuwo futhi azixhunyelwanga endaweni eyodwa. Izithununu eziluntinti "zingahlelelekwa" (AMR - autonomous mobile robot) okusho ukuthi zingakwazi ukugegeleza (navigate) endaweni elawulwayo ngaphandle kosizo lwezilekeleli zoqobo eziqondisayo noma izilekeleli eziqondisayo zobunzuba-nguxa. Ngokuhlukile, izithununu eziluntinti zingancika eziqondisweni zezilekeleli ezizivumela ukuba zikhenkethe umkhondo womgegelezo ochasisiwe ngaphambili endaweni elawulwayo. Ngokuphambene, izithununu zezimboni imvama zisebenza zisendaweni eyodwa, futhi zinezingalo ezilungiwe futhi zinezikhaxi azinamekwe ebusweni bazo.

Izithununu eziluntinti sezigcwele ezizindeni zentengiselwano nakwezezimboni. Izibhedlela bezilokhu zisebenzisa izithununu eziluntinti ezihlelelekiwe ukususa nokuntintisa izinto iminyaka eminingi. Imishaqo (warehouses) nayo ifakelwe izimiso zezithununu eziluntinti ukuze zintintise ngokufanele izithako emathaleni ziye ezindaweni zokwanelisa iziyalwa. Izithununu eziluntinti zibuye zibe yilokho ucwaningo lwanamuhla olugxile kukho futhi minyaka yonke amanyuvesi amakhulu anezingqalaba (labs) eziningi noma eyodwa ezigxile kucwaningo lwezithununu eziluntinti. Izithununu eziluntinti ziyatholakala nasezizindeni zezimboni, kwezempi nakwezokuvikela.