Jump to content

IsiThununu sezempi

Kubuya ku Wikipedia
Idongoyi elihlomile i-Predator

IziThununu zezempi ziyizithununu ezizihlelelekayo noma izithununu ezintintayo ezilawulwa-zikude eziklanyelwe ukusetshenziswa kwezempi, kusuka entuthweni kuya ekufuneni nasekutakuleni nasekuhlaseleni.[1][2][3]

Ezinye izimiso ezifanayo ziyatshenziswa kwamanje, futhi kuneziningi ezithuthukiswayo. Umehluko okhona phakathi kwezithununu zempi nezindongoyi zempi awukacaci kuze kube manje ngowezi-2025: abanye bathi izikhali eziyingozi ezizihlelelekayo ziyizithununu kuyilapho abanye bezichazisa ngokuthi 'izindongoyi eziyingozi zempi'.[4]

i-Teletank TT-26 yase-Soviet, ngoNhlolanja kowe-1940
Amabutho waseBrithani nezithuthi zokubhidliza zamaGoliyathi alawulwa-ekude ezithunjiwe, (emhlangabezweni wase-Normandy, 1944)

Uma zichasiswa kabanzi, izithununu zezempi zaqala ukuvela emuva ngesikhathi sempi yomhlaba yesibili nangesikhathi sempi ebandayo ngohlobo lwama-Goliyathi wamaJalimane kanye nezinganono zase-Soviyeti ezingama-teletanks. UDongoyi oluyisigcicgi lwe-MQB-1 kwavela lapho uphiko lwezinhloli "ze-CIA ziqala ukubona izimbiyiselo zokuqala ezisebenzayo zephupho lazo elidala lokusebenzisa izithununu zasemoyeni ukuze ziqoqe ukwaziswa".[5]

Izibonelo

[hlela | Hlela umthombo]

Ezisetshenziswayo manje

[hlela | Hlela umthombo]
Inqola yakwa Foster-Miller ebizwa TALON SWORDS ehlomiswe ngezikhali ezinhlobonhlobo
Umxhantela wesithununu esibizwa Platforma-M esenza imisebenzi eminingana esikhiqizwa umbutho wezempi waseRashiya.

Amaphathelelo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Voth, D. (2004). "A new generation of military robots". IEEE Intelligent Systems 19 (4): 2–3. Bibcode 2004IISys..19d...2V. doi:10.1109/MIS.2004.30.
  2. Franke, Ulrike Esther (2018). "Military Robots And Drones". Routledge Handbook of Defence Studies. London: Routledge. ISBN 9781315650463.
  3. Agarwala, Nitin (2023). "Robots and Artificial Intelligence in the Military.". Obrana a Strategie 23 (2): 083–100. doi:10.3849/1802-7199.23.2023.02.083-100.
  4. "Military drone systems in the EU and global context: Types, capabilities and regulatory frameworks" (PDF).
  5. Steve Coll, Ghost Wars (Penguin, 2005 edn), pp.529 and 658 note 6.