Isidlakathi

Mayelana Wikipedia

Energy_Arc_(central_electrode_of_a_Plasma_Lamp)

Ngokomchazandalo, isidlakathi noma IMpekumpeku iwutho olunesibalo olidluliselwa emzimbeni noma ohlelweni oluphathekayo, olubonakala kahle ekwenziweni komsebenzi nasesimweni somchadamezo nokukhanya. Isidlakathi singubungako obulondiwe; umthetho wokulonda isidlakathi uthi isimo sempekumpeku singaguqulwa, kodwa asinakudalwa noma sibhujiswe. Umuvo wokulinganisa isidlakathi ngokweInternational System of Units (SI) uyi- joule, (umjulu).

Izimo ezivamile zesidlakathi zihlanganisa isidlakathi somdiki sento enyukuzayo, isidlakathi esingaba khona esigcinwe entweni (ngenxa yokuba kwayo senkundleni), isidlakathi senjombuluka esigcinwe entweni enqumile, isidlakathi sesiqa esiyamaniswa nokusabela ngokwevanga, isidlakathi eziyonzayo esithwalwa imiyonzi yenzubawonga, kanye nesidlakathi esingaphakathi esiqukethwe ngaphakathi kohlelo lwezomchadamezo. Zonke iziphili zijwayele ukuthatha nokukhipha impekumpeku.

Ngenxa yokulingana kwesisindo–sidlakathi, noma iyiphi into enesisindo lapho imile (okubizwa isisindo esiphumule) inaso isilinganiso senani sesidlakathi esinesimo esibizwa isidlakathi esiphumuke, futhi noma isiphi isidlakathi esinye (sanoma iluphi uhlobo) esizuzwa isidlakathi esiphumule sizokhulisa isamba sesisindo njengalapho ikhulisa isamba sesidlakathi sayo.

Impucuzeko yabantu idinga isidlakathi ukuze isebenze, futhi isithola kwizinsizakusebenza zesidlakathi ezifana nesivuthisi sentshicwa, noma esidlakathini esivuselelekayo. Isimo sezulu somhlaba nezinqubo zoxhaxhamvelo ziqhutshwa impekumpeku umzulane esikuwo eziyamukela elangeni.

Izimo[hlela | Hlela umthombo]

Ekubanekeni kombani okuvamile, imijulunkulu engama-500 yesidlakathi samazuba siguqulwa sibe inani elifanayo lezinyw izimo, ikakhulu isidlakathi sokukhanya, isidlakathi somsindo nesidlakathi somchadamezo.
Isidlakathi somchadamezo siyimpekumpeku yezakhi ezisimoncinci zotho, ezingahlanganisa kokubili isidlakathi somdiki nesingase sibe khona.

Isidlakathi esiphelele sesimiso singahlukaniswa ngezingcezu futhi sijinjwe ngokuthi isidlakathi esingase, isidlakathi somdiki, noma izingxube zazo zombili ngezindlela ezihlukene. Isidlakathi somdiki sinqunywa umdiki wento - noma umdiki obumbene wezigcoyi zento - bese isidlakathi esingase sikhwentuza amandla wento wokuba nomdiki, futhi imvama buwumsebenzi wokuma kwento ngaphakathi enkundleni noma singagcinwa khona enkundleni ngokwayo.