Jump to content

Isidlakalasi

Mayelana Wikipedia

Ngokomchazandalo, isidlakalasi siyisakhi esingakanisekayo esidluliselwa endikimbeni noma ohlelweni oluphathekayo, esibonakala kahle ngokuqhogoya umsebenzi nangesimo somchadamezo nokukhanya. Isidlakalasi siwumngakonani olondiwe - umthetho wokulondwa kwesidlakalasi uthi isidlakalasi singaguqulwa ngokwesimo, kodwa asinakudalwa noma sibhujiswe. Umuvo wokulinganisa isidlakalasi ngokweInternational System of Units (SI) uyi- joule, (umjulu).

Izimo ezivamile zesidlakalasi zihlanganisa impekumpeku yento ephekuzayo noma enyakazayo, isidlakalasi esigcinwe entweni (ngenxa yokuba kwayo senkundleni), isidlakathi senjombuluka esigcinwe entweni enqumile, isidlakalasi sesiqa esiyamaniswa nokusabela ngokwevanga, isidlakalasi esiyonzayo esithwalwa imiyonzi yenzubawonga, kanye nesidlakalasi esingaphakathi esiqukethwe ngaphakathi kohlelo lwezomchadamezo. Zonke iziphili zijwayele ukuthatha nokukhipha isidlakathi.

Ngenxa yokulingana kwesisindo–sidlakalasi, noma iyiphi into enesisindo lapho imile (okubizwa isisindo esiphumule) inaso isilinganiso senani sesidlakathi esinesimo esibizwa isidlakalasi esiphumule, futhi noma isiphi isidlakalasi esinye (sanoma iluphi uhlobo) esizuzwa isidlakathi esiphumule sizokhulisa isamba sesisindo njengalapho ikhulisa isamba sesidlakathi sayo.

Impucuzeko yabantu idinga isidlakalasi ukuze isebenze, futhi siyasithola kwizinsizakusebenza ezifana nesivuthisi sentshicwa, noma esidlakathini esivuselelekayo. Isimo sezulu somhlaba nezinqubo zoxhaxhamvelo ziqhutshwa isidlakathi umzulane esikuwo esisamukela elangeni.

Ekubanekeni kombani okuvamile, imijulunkulu engama-500 yesidlakalasi samazuba siguqulwa sibe inani elifanayo lezinyw izimo, ikakhulu isidlakalasi sokukhanya, isidlakalasi somsindo nesidlakalasi somchadamezo.
Isidlakathi somchadamezo siyimpekumpeku yezakhi ezisimoncinci zoTho, ezingahlanganisa kokubili impekumpeku nesidlakathi.

Isidlakalasi esiphelele sesimiso singahlukaniswa ngezingcezu futhi sijinjwe ngokuthi isidlakathi, impekumpeku, noma izingxube zazo kokubili ngezindlela ezihlukene. Impekumpeku inqunywa ukuphekuza kwento - noma umdiki obumbene wezigcoyi zento - bese isidlakathi sona sikhwentuza amandla angaphakathi kwento wokuba nomdiki, futhi imvama siwumsebenzi wokuma kwento ngaphakathi enkundleni noma singagcinwa khona enkundleni ngokwayo.

uThomas Young, omunye wezazi ezaqhamuka nencazelo yomsukamqondo wegama elihunyushwa ngelithi 'isidlakalasi'

Igama elithi Isidlakalasi liyibizo lesiZulu elisho "amandla, isiphoqi," [1] futhi lihlobene eduze nelithi isidlakadla kanye nelithi isidlakathi, womabili anomqondo wempoqo noma amandla aqukethwe indikimba ethile. Ngokwesibonelo, umuntu onamandla nowasebenzisa ukunqoba abanye angabizwa ngesidlakathi noma isidlakadla, ngenxa yokuba namandla wokuphoqa abanye benze akufunayo.

Kumchazandalo, ekhulwini le-17, uGottfried Leibniz waphakamisa ibizo lesiLathini,Template:Lang-lat, lapho ezama ukuchaza Isidlakalasi, waphakamisa isu lokuthi isidlakalasi singamandla aphilayo, siwumkhiqizo wesisindo sento ohlangene nesivinini esiphindwe kabili; futhi waveza nokuthi lamandla aphilayo alondiwe. Omunye owabhala ngaloludaba ekhulwini le-18 nguÉmilie du Châtelet, yena owaphakamisa isicabango sokulondwa kwesidlakathi.

U-Gustave-Gaspard Coriolis yena wachazisa impekumpeku (kinetic energy) ngonyaka we-1829 ngomqondo wanamuhla, futhi ngonyaka we-1853, uWilliam John Macquorn Rankine wabhala ngesidlakathi'.

Umuvo wokulinganisa

[hlela | Hlela umthombo]
Inguxa yomjulu yokulinganisa ukuguxazela okulingana nomchadamezo .

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 152.