Isiphandla seNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

Coat_of_arms_of_South_Africa_(heraldic)

Isiphandla seNingizimu Afrika siwumqwamba oyinhloko weNingizimu Afrika. Isiphandla esikhona manje sethulwa ngoSuku leNkululeko, mhla zingama-27 kuMbasa 2000, futhi sasiklanywe nguMnu Iaan Bekker. Sasenana iziphandla zangaphambili, ezazisetshenziswa kusuka ngowe-1910. Isiqubulo sawo sibhalwe ngolimi lesi- |Xam olungasebenzi, oluyilungu lwezilimi zabaKhwe, futhi uma sihunyushwa sisho ukuthi "ukubumbana kwabantu abahlukene". isiqubulo esandulele, esibhalwe bgesilathini sasithi Ex Unitate Vires, esihunyuswa sithi "kubumbano, kunezikhwepha".

uMlando[hlela | Hlela umthombo]

Inqubo yokuklama isiphandla yaqalwa ngonyaka we-1999, uMnyango wezobuCiko, iSiko, iNzululwazi nezobuChwepheshe wafaka isicelo samasu wokwakha isiphandla esisha emphakathini. Khona kwalungiswa isifenyezo esisekwe emaswini wesiphandla amukelwe avela emphakathini, kanye nezimvo zeBandla eliyisigungu. Khona Isimiso sikaHulumeni sokuXhumana noKwaziswa sasondela ku-Design South Africa ukuze sazise abaklami abayishumi abaphezulu. Kwakhetha abaklami abathathu ukuze bethule izicabango zabo eBandleni eliyisigungu, futhi umklamo ka-Iaan Bekker wakhethwa.

Isiphandla esisha sethulwa ngoSuku leNkululeko, mhla zingama-27 kuMbasa 2000. Lolushintsho lwakhwentuza inhloso kahulumeni yokuqhakambisa ushintsho lwentando yeningi eNingizimu Afrika kanye nomuzwa omusha wokushisekela izwe.

Isiphandla siwuhide lwezici ezihlelwe ngemimo esaqanda noma emakhophelana emiswe omunye phezu komunye. Uhlaka oluphelele lwesiphandla luhlanganisa lemimo emakhophelana ongaphansi nongaphezulu kube uphawu lokuzwana. Umkhondo oxhumanisa unqenqema olusezansi lomqulu, ngemigqa yamazinyo, okunempelamehlo nokuphuma kwelanga ngaphezulu, wakha umumo weqanda lomkhathi lapho kuvela khona intinginono. Ngomqondo ongokomfanekiso, lokhu kusho ukuzalwa kabusha komoya wezwe elikhulu nelobuqhawe laseNingizimu Afrika.

Isiphandla sibuye sisebenze njengoMgqabo woMbusobala, ngokwesiko okungumqwamba ophakeme woMbuso. Igunya eliphelele linikezwa zonke izincwadi ngesinyatheliso soMgqabo woMbusobala kuzo, okusho ukuthi zivunyelwe UMongameli waseNingizimu Afrika. Kodwa kusuka ngowe-1997 ukusetshenziswa koMgqabo woMbusobala awukaze ube imfuneko yomthethesisekelo, kodwa kuyaqhubeka nokwenziwa.

Imibusobala yamaBhunu[hlela | Hlela umthombo]

Amakoloni[hlela | Hlela umthombo]

Izibaya zabomdabu[hlela | Hlela umthombo]