Orange Farm
Appearance
Orange Farm ("emaFama") yindawo eyinxuluma eqhele ngamakhilomitha angama-45 nesidlavela saseGoli, esifundwazweni saseGauteng eNingizimu Afrika. Igama elithi Orange Farm alishayi khona, njengoba lisikisela ukuthi umlimela wezintshungwa, kodwa izintshungwa azimili emlimeleni, kunalokho zimila ezidadeni. Leli nxuluma laqala ukuba khona ngonyaka we-1988, kusahlala kulo abasebenzi abaxoshwe emilimeleni eseduze. Iningi labantu abakhe kulendawo baqhamuka emanxulumeni afana neSoweto, abasuka lapho ngenxa yokuswelelka kwendawo, nokwanda kwemali yokuqasha.
| This Gauteng location article is a stub. You can help Wikipedia by expanding it. |