Irvin Khoza
| Irvin Khoza | |
|---|---|
|
Irvin Khoza ngowezi-2008 | |
| Wazalwa |
Irvin Khoza 27 ngoMasingane 1948 Alexandra, South Africa |
| Umsebenzi | Usihlalo Orlando Pirates F.C., Usihlalo PSL, Iphini likamengameli SAFA |
U-Irvin Khoza (owazalwa ngoMasingana 27, 1948) ungumphathi webhola likanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika futhi ungusomabhizinisi. Uphinde aziwe ngokuthi ngu"Iron Duke / "MadalaGufets", unguSihlalo weqembu lamabhakabhaka, uSihlalo wePSL uphinde abe yiPhini likaMonganmeli weSAFA. Ubuhlobo bakhe ne-Orlando Pirates baqala ngo-1980, lapho eba unobhala nomnikazi wayo ngo-1991. Njengosihlalo we-PSL, waba nendima enkulu ekuqinisekiseni abaxhasi be-league, I-DSTv.[1] Waphinde waba nguSihlalo we-FIFA World Cup Organizing Committee yaseNingizimu Afrika ka-2010, ngemuva kokukhonza njengoSihlalo woMidlalo yeNdebe Yomhlaba ye-FIFA ka-2010 eNingizimu Afrika.
uKhoza wayeyingxenye yethimba elazuza ilungelo lokwamukela i-2010 FIFA World Cup eNingizimu Afrika futhi kamuva waba usihlalo weKomiti Yokuhlela yaseNingizimu Afrika.[2] Ememezelweni yempumelelo yeNingizimu Afrika, uKhoza wathi "Laba abantu bomhlaba abavotela ukuvuselelwa kwe-Afrika".[3]
Umndeni wakhe
[hlela | Hlela umthombo]U-Irvin Khoza washade nabafazi ababili: uYvonne Mantwa Kgotleng-Khoza owashona nhla zili-17 kuJanuaiy wezi-2020.[4] Babusiswa ngzingane ezintatu, abafana ababili nendodakazi uSonono Khoza onengane nalowo owayengumengameli wezwe, Jacob Zuma.[5]
Omunye umfazi wakhe uMatina Khoza owashona mhla zingama-23 kuJuly wezi-2020. Babebusiswe ngabantwana abane, abafana ababili namadodakazi amabili: uSonono, uZodwa osewashona, uNkosana noMpumi.
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Absa becomes main sponsor of PSL". Mg.co.za. 26 September 2007. Kulandwe ngomhlaka 23 November 2021.
- ↑ "SA names 2010 committee". News.bbc.co.uk. 28 May 2004.
- ↑ Longman, Jere (16 May 2004). "SOCCER; South Africa Is Named Host of 2010 World Cup". Nytimes.com.
- ↑ Irvin Khoza's wife Aus Mantwa dies, Daily Sun, 17 January 2020. Retrieved 26 April 2020
- ↑ Zuma father's baby with Irvin Khoza's daughter, Sunday Times (South Africa), 31 January 2010. Retrieved 26 April 2020