Iyambazi
|
Iyambazi elinomshebo wemifino | |
| Uhlobo | Staple |
|---|---|
| Imvelaphi |
|
| Imiqobelo eyinhloko | Maize meal (also known as mielie meal, or ground white maize) |
| Isidlo ezifanayo | Banku, fufu |
| |
Iyambazi (isiyambazi) esaziwa nangokuthi ugali, iposho, insima, ipapa, liphalishi, bogobe, isadza, isitshwala, akume, amawe, ewokple, akple, namanye amagama, liwuhlobo lwesibhaqanga esenziwa ngomthubazo wommbila emazweni amaningana aseAfrika: ahlanganisa lawa - Kenya, Uganda, South Sudan, Tanzania, Zimbabwe, Zambia, Lesotho, Eswatini, Angola, Mozambique, Namibia, Democratic Republic of the Congo, Rwanda, Malawi, Botswana naseNingizimu Afrika].[1] Liphekwa ngamanzi abilayo noma ubisi, ligovuzwe lize lishube ngokufanele.[2][3] Ngowezi-2017, lesi sidlo sajotsuelelwa uhlwini lakwa-UNESCO lezidlo Zefagugu lesiko elingabonakali, okungesinye sezidlo ezimbalwa esifakiwe.[4]
Amagama
[hlela | Hlela umthombo]Lesi sidlo sidliwa kabanzi emazweni aseAfrika, lapho sinamagama amaningi khona, ngokwezindawo ezihlukene. NgesiZulu kuthiwa iyambazi noma isiyambazi, uphuthu, umhiqo, Isibhaqanga, umpotokane noma iqhashi. Nawa amagama eyambazi ngezinye izilimi zaseAfrika:
- Agidi – Igbo, Nigeria
- Akple – Ewe, Akumè – Mina – Togo
- Aseeda – Sudan
- Akawunga- Uganda
- Busuma [Bukusu] – Kenya
- Bando – Soga, Uganda
- Bidia – DR Congo[5]
- Bugali – Burundi, DR Congo, Sudan, South Sudan, Rwanda
- Bogobe/Bušwa – BaPedi
- Buhobe – Lozi[6]
- Buru – Kenya, Luo
- Busima – Bagisu, Uganda
- Chenge – Kenya, Luo
- Chima – Mozambique
- Couscous de Cameroon – Cameroon
- Dona
- Fitah – Sudan, South Sudan, Congo
- Kabato – Ivory Coast
- Fufu – Sierra Leone, Nigeria
- Funge de milho – Angola (northern)
- Isitshwala – Ndebele(Matabele)
- Isishwala – South Africa, Bhaca people
- Kawunga – Ganda, Uganda
- Kimnyet – Kalenjin, Kenya
- Kuon – Kenya, Luo
- Kwen wunga – Alur, Uganda
- La boule - Chad
- Lipalishi – Eswatini
- Mieliepap – Lesotho,[5] South Africa[5][7]
- Mogo – Kenya, Luo
- Moteke – DR Congo[5]
- Mutuku – South Africa[5]
- Nfundi – Congo[5]
- Ngima – Kamba, Kikuyu, Embu, Kenya
- Nkima – Kenya, Meru
- Nshima – DR Congo Kasai region, Zambia[8]
- Nsima – Malawi,[5] Zambia[5]
- Obokima – Kenya, Kisii
- Obusuma – Kenya, Nyole tribe[9]
- Eko – Nigeria, Yoruba
- Oshifima – Namibia Ovambo
- Phaletšhe – Botswana, Namibia, South Africa (Setswana)
- Pap – Botswana, Namibia, South Africa[10]
- Papa/Bogobe – Lesotho,[5] South Africa[5]
- Pâte or Wô [French] – Togo, Benin
- Phuthu/phalishi – Zulu people, South Africa[11]
- Pirão – Angola (southern)
- Posho – Uganda[12]
- Saab – Ghana, Kusasi
- Sadza – Shona[5][13]
- Sakora – Nigeria
- Sakoro – Ghana
- Sembe – Tanzania, Kenya slang
- Shadza – Kalanga
- Shima
- Shishima – Zambia
- Sima – Kenya, Chewa,[14] Tumbuka, and Ngoni[6]
- Soor – Somalia,[5] Zambia[5]
- Tuozafi (or T.Z.) – Ghana
- Tuwo – Hausa, Nigeria
- Ubugali – Rwanda
- Ubwali – Bemba[6]
- Ugali – Kenya,[5] Malawi, Mozambique, Tanzania,[5] Uganda,[5] Yao, Swahili
- Um'ratha – Ndebele people, South Africa
- Upswa – Mozambique[5]
- Bohobe – Sotho, South Africa, Lesotho
- Vhuswa – Venda people, South Africa
- Vuswa – Tsonga people, South Africa
- Wari – Mijikenda tribes, Kenyan Coast
- Xima – Mozambique[5]
uMsukagama
[hlela | Hlela umthombo]NgesiZulu kuthiwa iyambazi, umyambazi noma isiyambazi, uphuthu, umhiqo, isibhaqanga, umpotokane (elithambile) noma iqhashi. Lamagama asetshenziswa lapho kukhulunywa ngesidlo esenziwe ngempuphu yommbila, sangafakwa lutho okunye. Uma sekufakwe okunye igama liyashintsha, akusasetshenziswa amagama angenhla,ngokwesibonelo, uma kuxutshwa ummbila nethanga kuthiwa isijingi noma isinambathi, uma kuxutshwa nomhleke kuthiwa umuncuza, elixutshwe namalumulondo kuthiwa intshaqani. Kukhona nomxuku (umcuku).
KwelaseZimbabwe ngeChishona kuthiwa isadza bese ngesiNdebele bathi isitshwala.[15] Ngenxa yethonya lesibhunu eNingizimu Afrika, sona esisebenzisa igama lesiDashi elithi pap, abantu abaningi emakolishi bathi ipapa, kuyilapho abanye bethi iphalishi belingisa isiNgisi.
Izithombe
[hlela | Hlela umthombo]- Isiyambazi neKlabishi
- uPhutu, nenkezo kaShatini eceleni
- Iyambazi eliyi-sadza (kwesokudla), imifino, nenyama yembuzi.
- Isiyambazi nenhlanzi encane ebizwa ulusipa
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Ugali - a Kenyan cornmeal". Taste Of The Place (in i-English). 2017-10-16. Kulandwe ngomhlaka 2018-08-23.
- ↑ "How to prepare ugali/posho". Yummy (in i-English). 2015-05-04. Kulandwe ngomhlaka 2018-08-23.
- ↑ Sheen, Barbara (2010-04-02). Foods of Kenya (in i-English). Greenhaven Publishing LLC. ISBN 978-0-7377-4813-0.
- ↑ "UNESCO - Nsima, culinary tradition of Malawi". ich.unesco.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2026-06-16.
- 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 McCann 2009, p. 137.
- 1 2 3 Tembo, Mwizenge S. "Nshima and Ndiwo: Zambian Staple Food". Hunger For Culture (in i-English). Archived from the original on 24 February 2017. Kulandwe ngomhlaka 2018-02-18.
- ↑ "Mealiepap, n." Dictionary of South African English. Dictionary Unit for South African English, 2018. 25 February 2019
- ↑ "Kitwe man confesses to killing colleague over nshima after 2 years of guilt". Zambia: News Diggers! (in i-English). 2024-11-16. Kulandwe ngomhlaka 2025-03-03.
- ↑ "Kenya Information Guide Home page". Kulandwe ngomhlaka 24 June 2013.
- ↑ "Pap, n." Dictionary of South African English. Dictionary Unit for South African English, 2018. 25 February 2019.
- ↑ "Putu, n." Dictionary of South African English. Dictionary Unit for South African English, 2018. 25 February 2019.
- ↑ "Ugandan food recipes - POSHO (UGALI) – Wattpad". www.wattpad.com. Kulandwe ngomhlaka 2018-08-23.
- ↑ "Sadza, n." Dictionary of South African English. Dictionary Unit for South African English, 2018. 25 February 2019
- ↑ Gough, Amy (2004). "The Chewa". The Peoples of The World Foundation. Archived from the original on 22 December 2019. Kulandwe ngomhlaka 18 February 2018.
- ↑ "Tanzanian Ugali / Nguna Recipe". Gayathri's Cook Spot (in i-English). 2015-09-01. Kulandwe ngomhlaka 2018-08-23.