Jump to content

UBongi Ntuli

Mayelana Wikipedia

U-Bonginkosi Ntuli (Ndasa 28, 1991 - Lwezi 5, 2023) wayengumdlali webhola likanobhutshuzwayo wase Ningizimu afrika owayedlala engu mgadli weqembu -AmaZulu.[1]

UNtuli waqala ikusasa lakhe lebhola edlala ku-I-Vodacom League ne-Sobantu Shooting Stars ngaphambi kokujoyina iqembu le-Golden Arrows. Wabonakala okokuqala kwi-Arrows kungu Masingana 2012. Waqhubeka wajoyina i-Mamelodi Sundowns ngo-2014, nokho, walwa ukuze angene kuleli qembu kwathi ngemumva kwezinyanga eziyisithupha wajoyina AmaZulu ngokubolekwa. Kusukela ngo-2015 kuya ku-2018, uNtuli wayebolekwe yi-Platinum Stars.

Ngo Ntulikazi ka 2018, uNtuli waya kozama inhlanhla kwi Djurgårdens IF. Ngenxa yokuthi uNtula ne Djurgården abakwazanga ukuvumelana ngezezimali zesivumelwano sakhe. Ngo-Ncwaba ka 2018, kwaqinisekiswa ukuthi uNtuli usejoyine iqembu AmaZulu ngokubolekwa, futhi isivumelwano sakhe saba esihlala njalo ngemuva kokuba yingxenye yesivumelwano sokushintshisana esambona ehlala neqembu AmaZulu fc kwathi U-Emiliano Tade ehamba eyojoyina iSundowns.

UBongi Ntuli wabulawa uhlobo olungavamile lomdlavuza ePietermaritzburg, mhla ziyi-5 kuLwezi 2023, eneminyaka engama-32 ubudala. Umdlalo wakhe wokugcina webhola likanobhutshuzwayo wayekade ewudlale emasontweni ayisikhombisa edlule, mhla ziyi-17 ku Mandulo 2023.[2]

Izinkomba

[hlela | Hlela umthombo]
  1. https://www.timeslive.co.za/news/south-africa/2023-11-08-we-thought-it-was-just-flu-not-cancer-says-father-of-late-amazulu-fc-player-bonginkosi-ntuli/#google_vignette
  2. https://www.enca.com/news/amazulu-fcs-bongi-ntuli-dies