UMdlankuma

Mayelana Wikipedia
uMdlankuma ophethwe ngumuntu.

UMdlankuma uhlobo lwenyoka enesihlungu esibeka futhi enamazinyo atholakala ngemuva emlonyeni.

Ukhelo[hlela | Hlela umthombo]

Utholakala eNingizimu Afrika, e-Swatini, eZambia, eBotswana, eZimbabwe, eMozambique, kanye naseDemocratic Republic of the Congo.

Incazelo[hlela | Hlela umthombo]

Ijwayele ukuba nombala ophuzi sansundu ngokukhanya emhlane ebese igaba ngomugqa mugqa omnyama ohla ngomgogodla.Umqala kanye nekhanda kona kujwayele ukuba munyama, ebese uba mpofu maqondana namehlo.

Ezindala zingafinyelela ebudeni obulinganiselwe kuma-33.5 wama cm, kuth' umsila wona ulinganiselwe kwisi-7 sma cm ubude.

Ingxenye yesilebe sangezansi sibonakala kalula lapho igec' umthathu (1⁄3) wobudemaduze nesilebe sangaphezulu. Kuthi isilebe sangaphambili sona singaba side, siphinde sibanzeke cishe ukugec' umdumbu nangxenye (3/2) kuyela kwimidumbu emibili nangxenye uma usuka embokweni wayo. Izeng' elilodwa elidlul' iso. amazeng' ayisi-7 kwisilebe sangenhla, kuthi elesithathu kanye nelesine wona asondele ngqo emehlweni, elesihlanu lithintana nezenga lasekhanda. Uzeng' olunxa oluxhumene namazeng' amatene, amade acish' ukulingana noma adlule law' amazeng' atetiwe. Law' amatene wona athinta namathathu omlomo.

Amazenga angemuva kwekhanda ayi-15, wona ayashelela. Ibe namazeng' onya abalelwa kwi-138 kuyela kwi-166; uzenga lomdidi oluphelele; kanye namalandela abalelwa kuma-37 kuyela kwangama-53, nawo futhi aphelele.

Idla iziNkuma kuphela kuthi yona idliwe ezinye izinyoka (okufaka phakathi amahhumela kanye neziNhlabamuva), ebese kuthi iziCabucabu, oFezela kanye namaShongololo wona akujwayelekile ukuthi ayidle. Ingumabekaqanda yona, kanti ikwazi ukubeka amaqanda asukela kwama-2 kuyela kwama-4 ehlobo.

Amaphatho[hlela | Hlela umthombo]

  1. The Reptile Database. www.reptile-database.org.
  2. Boulenger, G.A. 1896. Catalogue of the Snakes in the British Museum (Natural History), Volume III. London. pp. 259–260.
  3. Wallach, V. "Aparallactus lineatus (Peters) and Aparallactus niger Boulenger: Two Valid Species from West Africa." Journal of Herpetology 28.1 (1994): 95–99.
  4. "Aparallactus". Integrated Taxonomic Information System. Retrieved 5 September 2007.
  5. Boulenger, G.A. 1896. Catalogue of the Snakes in the British Museum (Natural History), Volume III. London. p. 260.
  6. "Aparallactus capensis (Black-headed centipede-eater, Cape centipede-eater)". www.biodiversityexplorer.info. Retrieved 2023-07-24.
  • Smith, A. 1849. Illustrations of the Zoology of South Africa, 3 (Reptiles). Smith, Elder, and Co. London. p. 16.

Izixhumanisi Zangaphandle[hlela | Hlela umthombo]