Jump to content

UMjinjo wezishumi womtapolwazi

Mayelana Wikipedia
Amathala wezincwadi womtapolwazi e- Hong Kong ahlukaniswe kusetshenziswa uHlelo loMjinjo olusha lemitapolwazi yaseShayina, olususelwa ohlelweni loMjinjo lomtapolwazi.

Umjinjo wezishumi womtapolwazi, ovame ukubizwa ngokuthi uhlelo lokujinjwa kwezincwadi, yisimiso somjinjo wasemtapolwazi wezincwadi esivumela ukuba Izincwadi ezintsha zenezelwe kumtapowolwazi endaweni yazo efanele ngokwezihloko.[Note 1] Washicilelwa okokuqala kwelaseMelika ngowe-1876 ngu-Melvil Dewey.[1] Ngokwendabuko wachaziswa epheshaneni lamakhasi angama-44, futhi wandiswa waba imiqulu eminingana futhi wabukezwa izikhathi ezingama-23, isibukezo sokugcina sashicilelwa ngowezi-2011. Uphinde utholakale ngohlelo olufinyeziwe olufanele imitapolwazi emincane. UBambiswano olungenzi nzuzo, i-OCLC olukhonza imitapolwazi, kuyimanje yilona olunakekela loluhlelo futhi lukhipha nezivumelo zoxhakaxholo zokufikelela i-WebDewey, okungumxhantela ophefukiswa ngokuqhubekayo wesijengamazwi.

Umjinjo wenani lezishumi wangenisa isicabango sendawo nesikhomba ezicakathile. Ngaphambili imitapolwazi yayinikeze izincwadi izindawo ethaleni unomphela, ikakhulu ezazihlobene nohlelo lokuzithola hhayi ngesihlokondaba. Izimpawu zomjinjo zisebenzisa amanani amathathu wezigaba eziphezulu, ezinamanani angaphansi kweshumi ukuze andiseke ngokuqhubekayo.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]


Cite error: <ref> tags exist for a group named "Note", but no corresponding <references group="Note"/> tag was found

  1. Dewey, Melvil (1876) (Project Gutenberg eBook), Classification and Subject Index for Cataloguing and Arranging the Books and Pamphlets of a Library, https://www.gutenberg.org/files/12513/12513-h/12513-h.htm, retrieved 31 July 2012