Jump to content

Zwane

Kubuya ku Wikipedia
(Redirected from UMlando wakwaZwane)
Elithi Zwane liqakaqwe ngesiBheqe soHlamvu

Igama elithi Zwane liyisibongo sabantu ababizwa ngaMangwe ngoba badabuka enhla ne-Afrika eMangweni. Abantu abaningi bakaZwane bazinze endaweni yaseHlobane kwaNgenetsheni esifundazweni saKwaZulu-Natal.[1] Isibongo sakwaZwane sisulwe ebukhosini baseMangweni.Inkosi yaseMangweni igama layo kwakuwuZwane yingakho kuthiwa igama lasuselwa enkosi yaseMangweni. Abanye abantu baseMangweni bahlanganisa uLinda, uNsele, uHudle nabanye. [2]

Kunemibiko eminingi ngemvelaphi yabakwaZwane, abanye bathi badabuka eSwatini, kuyilapho abanye bethi badabuka ezindaweni zaseMbo ezisezansi.

Izithakazelo

[hlela | Hlela umthombo]

Mangethe
Linda Mkhonto
Umafa avuke
Zikode kaPhikela
UZwane akadlelanga phansi
Wadlela emkhombeni Wezinyamazane
Edla imihlambi yezinkomo zamadoda
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili
Zigcwele umdakana!

Ntshosho!
Wena Kamafu kawalingani-angaphansi naphezulu
Ngoba aphezulu angubo ngubo!
Ntsele kaLinda kaMkhonto!
Awungilinde Ngilande Ezami
Mthanti! Nduna ngokuthwala isila sensele!
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont' angahlala.
Nin' enadlel' encazeni!
Nina eniphakela umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele
Mabhayi kawalingani awangaphansi nawangaphezulu

Nina bakaVezi
Owadla isihlahla njengengwababane!
Zwane - Phikela wengwe - Nselenduna nina base tsheni lase Ntshenteka
Zwane - Mandaba, Ukuba uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ngubani?

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. "Archive copy". Archived from the original on 2025-11-09. Kulandwe ngomhlaka 2026-04-03.CS1 maint: Archived copy as title (link)
  2. https://indabukoyakho.com/2013/09/23/zwane/