Jump to content

UNcwaba

Mayelana Wikipedia
Wathinta abafazi wathinta imbokodo

Lena inyanga yesishiyagalombili kweziyi shumi nambili onyakeni, le nyanga inezinsuku ezingamashumi amathathu nanye. Yaziwa kakhulu njengenyanga yabantu besifazane, njengoba uhulumeni waseNinguzimu Afrika waqoka umhla ziyisishiyagalolunye njalo ngonyaka ukuth ube iholidi elisemthethweni lokubungaza abantu besifazane eNingizimu Afrika jikelele. Umbungazo walolu suku waqala emuva kokuthi abantu besifazane abayizinkulungwane babamba imashi bephikisana nobandlululo eNingizimu Afrika ngonyala wezi-1956.[1]


Ibaluleke ngani le nyanga?

Lapha kusuke kugqugquzelwa amalungelo abo ukuthi angacindezeleki, futhi mabaphathwe kahle kanye nezingane, bathole ukunakekelwa bangahlukunyezwa okungaba ukushaywa, ukunukubezwa ngokocansi nokunye. Kuba nezinkomfa ezibanjwa ngabantu besifazane bebodwa nje, lapha basuke bezokhuluma ngezinto ezibathuthukisayo emabhizinisini abo, amakhaya ukuthi anakekelwa kanjani, abantwana bakhuliswa kanjani njalo njalo.[2] Kuyaqapheleka ukuthi nabantu besilisa bayabeseka kakhulu abantu besifazane nabo bayayenza imkhankaso elwisana nokuhlukunyezwa komuntu wesifazane. Ukubungazwa kwale nyanga kuyisikhumbuzo sobunzima obubhekana nabantu besifazane bokungalingani nabantu besilisa ngakho-ke kuvezwa ukubaluleka komuntu wesifazane emhlabeni, kuphinde kugqugquzelwe ukulingana ngokobulili phakathi kwezinhlaka zombili.

Imithombo

  1. Archary, K. K. 2019. Freedom Charter, Women's Charter, Memories, and (Un) freedoms. Oral History Journal of South Africa, 7 (2): 12 pages-12 pages.
  2. Thenjiwe Mintso: "Women's Day:A Celebration of Women's Resilience " (2013)