Jump to content

Uhlelo lokwaziswa

Mayelana Wikipedia

Uhlelo lokwaziswa luyinqubo, yenhlalobuchule, nesemthethweni yokuhlela eklanyelwe ukuqoqa, ukudludlunga, ukuqoqonga, nokusabalalisa ukwaziswa. Ngokombono wenhlalobuchule (sociotechnical) uhlelo lokwaziswa lwakhiwa izigcoyi ezine: umsebenzi, abantu, uhlaka, kanye nobuchwepheshe. Uhlelo lokwaziswa lungachasiswa ngokuthi ukudidiyelwa kwezigxoyi ukuze kuqoqwe, kuqoqongwe futhi kudludlungwe imininingo ngenjongo yokuthi imininingo isetshenziswe ukuphana ngokwaziswa, inikele olwazini nasekukhiqizeni yezezibhangqiwe enosizo ekuthathweni kwezinqumo, futhi imininingo iyasetshenziswa ekuhlinzekeni ngokwaziswa nasekufakeni isandla olwazini.

Uhlelo lokwaziswa lesiCikizi liyisimiso esiqukethe abantu nezicikizi ezidludlunga noma zihlakahle ukwaziswa. Leli bizo libuye lisebenze ukubhekisela ohlelweni lesicikizi oluhlonywe ngehlelikusebenza.

"Izinhlelo zokwaziswa" nazo ziwumkhakha wakwangqondonkulu ocwaninga ngezinhlelo ikakhulukazi eziqondene nokwaziswa kanye namahleloxhumano ahambisana nazo wezigcoyi zesicikizi namahlelokusebenza abantu nezinhlangano abazisebenzisayo ukuze baqoqe, bahlunge, badludlunge, badale futhi basabalalise imininingo. Kugxilwa kakhulu ohlelweni lokwaziswa olunemikhawulo, abasebenzisi, izidludlungi, isiqoqonga, izifako, iziphumo, kanye namahleloxhumano wokuxhumana abaliwe.