Uketshezi

Mayelana Wikipedia
Ukwakheka kwethonsi eliyindilinga lamanzi awuketshezi kunciphisa indawo engaphezulu, okuwumphumela wemvelo womhilizo wasebusweni oketshezini.

Uketshezi luyingxenye yezimo zotho eziyisisekelo ezine (isinqumela, uhowo nonyazani ). Uketshezi lunomthamo ongaguquguquki, kodwa alinako ukuma kwako. Zonke iziphoqi ezincane ezihlangana namanzi ziwenza aguqule ukuma nokugekeza kwawo. Ngenxa yalokho, UmNyondo wenza ukuba amanzi athathe ukumo kwegobongo angaphakathi kwalo. Amachembe ayizakhi zoketshezi yiwona enza ukuba uketshezi lunyukuze ngokukhululekile. Imitshoko egeleza lusilili ivame ukuba nobunjungunjungu obuphezulu. Eminye imitshoko iba nobunjungunjungu obuphezulu ize ibonakale sengathi iyisinqumela. Izibonelo zoketshezi zingamanzi, amafutha, negazi.