Jump to content

Ukhetho eNingizimu Afrika

Mayelana Wikipedia

 

Ukhetho eNingizimu Afrika lwenzelwa ISishayamthetho sikaZwelonke, izishayamthetho zezifundazwe nemikhandlu yomasipala. Ukhetho lulandela umjikelezo weminyaka emihlanu, kanit ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe lwenziwa ngasikhathi sinye bese ukhetho lukamasipala lwenziwa eminyakeni emibili kamuva. Uhlelo lokhetho lusekelwe ekumelelweni ngokulinganayo ohlwini lweqembu, okusho ukuthi amaqembu amelwe ngokulingana nokwesekwa kwawo ngabavoti. Emikhandlwini yomasipala kunohlelo lobulungu obuhlanganisiwe lapho amawadi ekhetha khona amakhansela ngamanye kulabo ababalulwe ohlwini lweqembu.