Jump to content

IsiGungu sikaZwelonke

Kubuya ku Wikipedia
Indawo yangaphakathi
Ukwakhiwa kwesishayamthetho

IsiGungu sikaZwelonke saseNingizimu Afrika siyindlu yangaphansi yePhalamende yaseNingizimu Afrika. IsiGungu sikhethwe yizakhamuzi uqobo ezibhalisiwe futhi ezinqandwangwa nngokomthetho. Iqukatha amalungu angamakhulu amane abizwa ngamaLungu wePhalamende. Ukhetho luhlelwa makundlula iminyaka eyinhlanu. IsiGungu sikhethwa ngohlaka lapho izinxenye ezilinganayo ezimbili zamalungu zikhethwa ngezindlela ezihluke kancane: inxenye enye ikhethwa ohliwini wakazwelonke wamaqembu ezombusazwe bese enye ohlwini lwamaqembu wezombusazwe wezifundazwe zaseNingizimu Afrika.

Usihlalo wesiGungu ubizwa uSomlomo wesiGungu sikaZwelonke, manje uThoko Didiza Ukhethwa yiningi lamalungu wesiGungu. Isekela Somlomo siyamlekelela emsebenzini wakhe, manje u-Annelie Lotriet. Ngenxa yokuba isakhiwo saso eziNdlini zePhalamende sinqonqe emlilweni, isiGungu sihlangana kwenye igumbi.

isiGungu sikaZwelonke sisungulwe ngokoMthethosisekelo wesiKhashane nge-1994. Sihlangane okuqala emva kwokhetho we-1994. Kusukela lenkathi kufika ku-2026, i-African National Congress inenani lezihlalo ezindlula amaqembu onke. Iqembu elithola inani lezihlalo lesibili elingekho kuhulumeni libizwa iQembu lokuPhikisana eliseMthethweni.

Amalungu akhokhelwa umholo nguhulumeni. uSomlomo nesiSekela Somlomo baholelwa endlula izigidi ezintathu zamaRandi. Amalungu angabongqongqoshe aholelwa izigidi ezimbili namakhulu wezinkulungwana eziyisithupa. Amazinga womholo ayahluka uma ilungu liwusihlalo wekomiti, izibhaxu nezibhaxu nhloko, umholi wehlongothi lokuphikisana kanye nezisekela ngqongqoshe. Umqubo wokuba amalungu enqele kwenye iqembu awusavumelekile.