Ukucimela
Ukucimela isiko elenziwa isizwe samaZulu ikakhulukazi uma ingoduso isiyenza amalungiselello okuyogcagca. Ukucimela kwenziwa ngokuya ezihlotsheni ngenhloso yokuyovalelisa. Abavakashelwe ingoduso balungisa izipho abamvalelisa ngazo umntwana wabo. Indawo yokuqala avakashela kuyo kuba yisekhabonina. Izipho abamnika zona kungaba imfuyo, izinto zokusebenza zabantu besifazane, ezifana nezicephu, amavovo, imishanelo, izingqoko nezithebe nokunye.
Kuyimfanelo kumZulu ogcina isiZulu ukuba intombi ngaphambi kokuba iyogana icimele. Ukucimela isiko lokuvalelisa ekhaya nasezihlotsheni. Ukuganisa intombazana akuyiwona umsebenzi kayise yedwa kodwa kungumsebenzi wakhe nabafowabo. Yingakho umuntu ecimela kuyo yonke imizi yakwabo, afike ahlatshiswe, afakwe isiphandla, agcotshwe ngenyongo ukuze abaphansi bamkhothe, bamqinisele uhambo lwasemendweni. Kuyo yonke lemizi uyahlatshiswa, alale, avuke, abuyele ekhaya, aphinde ahambe njalonjalo. Izinyongo ziyafuthwa ahambe nazo kanye nenyama eyisipho abuyela nayo kwabo. Izinyongo uyozichoma esicholweni mhla esina. Lezi zinyongo zemindeni yakubo azifake ekhanda ziwuphawu lokuhlanganyela kwayo lemindeni futhi kunika isiqinisekiso sokuthi abaphansi bacelwa ukuba bahambe naye umntwana wabo, [1].