Jump to content

Ukudludlungwa komfanekiso wezezibhangqiwe

Mayelana Wikipedia

Ukudludlungwa komfanekiso wezezibhangqiwe ukusetshenziswa kwesCikizi sezezibhangqiwe ekudludlungeni imifanekiso yezezibhangqiwe ngokusebenzisa umkholezima . [1] Njengomkhakha oyingxenye yokudludlungwa kwesiyabizo sezezibhangqiwe, ukudludlungwa komfanekiso wezezibhangqiwe kunemenzelelo eminingi ukwedlula ukudludlungwa komfanekiso wenzuko. Kuvumela izinhlobonhlono ezibanzi zemikholezima ukuba isetshenziswe kwemininingo yegalelo futhi kungagwema nezinkinga ezifana nokwakheka komsindo nesithikimezi (distortion) lapho kudludlungwa. Njengoba imifanekiso ichasiswa ngemiyinge emibili (nangaphezulu) ukudludlungwa komfanekiso wezezibhangqiwe kungenzeka kunongwe ngesimo ngezinhlelo zemiyingeningi. Ukuphehlwa nokuthuthukiswa kokudludlungwa komfanekiso wezezibhangqiwe yizinto ezithintwa yizici ezintathu: esokuqala , ukuthuthukiswa kweziCikizi; esesibili, ukuthuthukiswa komchazazibalo (ikakhulu umbono womchazazibalo olubandlu); esesithathu, ukwanda kwengqekelelo yezinsiza ezinhlobonhlobo kwezemvelo, ezolimo , kwezempi, ezimbonini nakwezenzululwazi yokwelapha.

Imithombo

[hlela | Hlela umthombo]
  1. Chakravorty, Pragnan (2018). "What is a Signal? [Lecture Notes]". IEEE Signal Processing Magazine 35 (5): 175–177. Bibcode 2018ISPM...35..175C. doi:10.1109/MSP.2018.2832195.