Udlame olubhekiswe kwabesifazane
Udlame olubhekiswe kwabesifazane, olwaziwa nangokuthi udlame olungokobulili, liwudlame olubhekiswe kwabesifazane noma amantombazane ngokukhethekile ngenxa yokuthi bayisifazane. Lolo dlame, lubhekwa njengobugebengu benzondo, futhi ngokuyinhloko lwenziwa abesilisa noma abafana ngenxa yokungafani kwamandla ngokomlando phakathi kobulili. Udlame olubhekiswe kwabesilisa liwumunxa ohambisanayo lapho izenzo zodlame zihekiswe emadodeni nasebafaneni.
Udlame olubhekiswe kwabesifazane lunomlndo omude, nakuba amandla nezigameko zalo zihlukahluka emlandweni nasemiphakathini ehlukene. Lolu dlame lubhekwa njengendlela yokucindezela besimame, emphakathini jikelele noma ebudlelwaneni babantu ababili.
Incazelo
[hlela | Hlela umthombo]Amathuluzi amaningi aphesheya ahloselwe ukuqeda ubudlova obenziwa kwabesifazane kanye nobudlova basekhaya asungulwe yizinhlangano ezihlukahlukene zamazwe omhlaba. Lezi ngokuvamile ziqala ngencazelo yokuthi iyini ubudlova, kanye nesiphakamiso sokulwa nabo. I-Istanbul Convention (Isivumelwano soMkhandluWase-Yurophu esiphathelene nokuvimbela nokulwa nodlame olunhekiswe kwabesifazane nodlame lwasekhaya) nichaza i-VAW "njengokuphulwa kwamalungelo abantu kanye nohlobo lokubandlululwa kwabesifazane" futhi ichazwa ngokuthi "zonke izenzo zobudlova obusekelwe ngokobulili ziholela ekulimaleni komzimba, ngokobulili, ngokwengqondo, noma ngokwezomnotho noma ekuhluphekeni kwabesifazane, kufaka phakathi izinsongo zezenzo ezinjalo, ukuphoqelelwa, noma ukuphucwa inkululeko, kungakhathaliseki ukuthi zenzeka emphakathini noma ekuphileni kwangasese".[1][2]
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane
[hlela | Hlela umthombo]Ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane lesi isingameko esenza kayo emphakathini wangakithi lapho khona ingane ka Philisile ehlukumeka umnyeni kaPhilisile endala ngokoncansi noma benga tshela umphakathi ngesingameko esenza kalayo endini yabo akekho obakholwayo ngoba uThamba waziwa njengomuntu owuthandayo umndeni wakhe noPhilisela akasakwazi nokuba ephemele ngaphandle ngenxa yokusaba umnyeni wakhe uThamba .[3]
umkhankaso
[hlela | Hlela umthombo]Ungqongqoshe wamaphoyisa eNingizimu Afrika uMnumzane Senzo Mchunu uthi " kunomkhankaso ozoqala enyangeni ezayo lapho kuzobe kuqwashiswa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane".Uveze ukuthi iningi labesifazane abahlukunyezwayo lihlukunyezwa ngabantu abathandana nabo futhi abahlala nabo.Ubese enxusa ukuthi nabantu besilisa babe inxenye yalomkhankaso ukuze bezokwazi okumele bakwenze ukuze bezokwazi ukuvikela abesifazane kanye nezingane. [4]
- ↑ https://medicamondiale.org/en/violence-against-women/causes-and-consequences
- ↑ https://medicamondiale.org/en/violence-against-women/causes-and-consequences
- ↑ Ukuvezwa kokuhlukumezwa kwabesifazane nezingane emibhalweni yesiZulu. (ukzn.ac.za)
- ↑ PressReader.com - Digital Newspaper & Magazine Subscriptions