Ukuphathwa kweziqoshwa

Mayelana Wikipedia

Ukuphathwa kweziqoshwa, okuphinde kwaziwe ngokuthi ukuphathwa kweziqoshwa nokwaziswa, insebenzo engokwenhlangano enikezelwe ekuphathweni kokwaziswa enhlanganweni kuwo wonke umjikelezo wako wokuphila, kusukela ngesikhathi sokudalwa noma ukwamukelwa kuze kube sekulahlweni kwayo. Lokhu kuhlanganisa ukuhlonza, ukujinja, ukukhweza, ukuphephisa, ukulanda, ukuthungatha, nokubhubhisa Noma ukulondoloza mlibe iziqoshwa. Indinganiso ye- 15489-1: 2001 standard ("ISO 15489-1:2001") ichasisa ukuphathwa kweziqoshwa "njengomkhakha wokuphathwa ngokucikelela ukuze kube nolawulo oluhlelekile nolufanele (efficient) kokudalwa, ukwamukelwa, ukunakekelwa, ukusetshenziswa nokulahlwa kweziqoshwa, kuhlanganise nezinqubo zokuqoshwa nokunakekelwa ubufakazi nokwaziswa ngokuphathelene nobuqhebeqhebe besihwebi nezinano ngesimo sesiqoshwa."

Iziqoshwa zenhlangano zilondoloza izici zenkumbulo yayo. Ekunqumeni ukuthi iziqoshwa zizogcinwa isikhathi eside kangakanani, ummumatho wokusebenziseka kwazo kabusha umqoka. Eziningi zigcinwa njengobufakazi beziqhebetho (activities), izinano (transactions), nezinqumo. Ezinye ziqopha ukuthi kwenzekeni nokuthi kungani kwenzekile. Injongo yokuphathwa kweziqoshwa iyingxenye yensebenzo ebanzi yokubusa enhlanganweni, ukuphathwa kwengcuphezo (risk), nokuncamuka (compliance) futhi umnako wayo ngokuyinhloko usekuphatheni ubufakazi beziqhebetho zenhlangano kanye nokunciphisa noma ukuphebeza ingcuphezo eyamaniswa nazo. Ucwaningo lakamuva lubonisa ukuxhumana phakathi kokuphathwa kweziqoshwa kanye nokuziphendulela kwezokubusa.

IsiCabango sesiQoshwa[hlela | Hlela umthombo]

Isicabango sesiqoshwa sichasiselwa ngezindlela eziningi. Ngokwencasiselo ye- ISO 15489 Information and documentation -- Records management, iziqoshwa kuthiwa "ukwaziswa okudaliwe, kwamukelwa, kwanakekelwa njengobufakazi nanjengempahla inhlangano noma umuntu, ekuphishekeleni izibopho zomthetho Noma kwizinano zesihwebi." [1] Nakuba kunezinjongo eziningi nezinzuzo zokuphathwa kweziqoshwa, njengoba lencasiselo iveza, ulwangu olumqoka lweziqoshwa Ikhono lazo lokukhonza njengobufakazi besenzakalo. Ukuphathwa kweziqoshwa zoqobo kungasiza ukulondoloza lolulwangu lweziqoshwa.

Izifundo zakamuva ezinzulu zichasisa Iziqoshwa "njengonongo olufundekelayo lobuqhebeqhebe" njengoba luqoshwe abahlanganyeli noma ababukeli. [2] Lombono wobunano bugcizelela ukubaluleka komongo nenqubo ekunqumeleni nasencazelweni yeziqoshwa. Ngokuphambene, izincasiselo ezandulele zazigcizelela izakhi zobufakazi nokwaziswa zesiqoshwa.[3] Emongweni ongokwenhlangano, iziqoshwa ziyimithako edaliwe noma eyamukelwe inhlangano kwisinano sesihwebi, noma ekuphishekeleni ukuncamuka izibopho zomthetho.[4][5] Lencasiselo yesiqoshwa engokwenhlangano iqhamuka emibinweni yakuqala yomqogelelo (archives) njengokuhlanganiswa ngokwemvelo kweziqoshwa, okungukuthi "izincwadi ezibhaliwe, imidwebo, uTho olushicilelwe, olwamukelwe ngokusemthethweni noma olukhiqizwe indikimba elawulayo noma isikhulu sayo".[6][7]

  1. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named ISO15489
  2. Yeo, Geoffrey (2007). "Concepts of Record (1): Evidence, Information, and Persistent Representations". American Archivist 70 (2): 315–343. doi:10.17723/aarc.70.2.u327764v1036756q. 
  3. Schellenberg, T. R. (October 1956). "The Appraisal of Modern Records". Bulletins of the National Archives (8). https://www.archives.gov/research/alic/reference/archives-resources/appraisal-of-records.html. 
  4. "Glossary of Records and Information Management Terms, 3rd Edition". ARMA International. Archived from the original on September 27, 2013. Kulandwe ngomhlaka September 3, 2016. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  5. Pearce-Moses, Richard. "Record". Glossary of Archival and Records Terminology. Society of American Archivists. Archived from the original on 24 November 2016. Kulandwe ngomhlaka 23 November 2016. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  6. Muller, S.; Feith, J. A.; Fruin, R (1968). Arthur H. Leavitt, ed. Manual for the Arrangement and Description of Archives (1898) (2nd ed.). New York.
  7. Cook, Terry (1997). "What Is Past Is Prologue: A History of Archival Ideas Since 1898, and the Future Paradigm Shift". Archivaria 43: 17–63. http://archivaria.ca/index.php/archivaria/article/view/12175/13184. Retrieved 23 November 2016.