UmCabeko

Mayelana Wikipedia
UmCabeko i-Bosphorus ose- Istanbul, eTurkey
Ingaphansi lomcabeko iFort Pitt wasePittsburgh, Pennsylvania, eMelika
Igobela lomcabeko okhandwe ngamatshe emfuleni iKerava, kwelaseFinlandi

UmCabeko uyisakhiwo esakhiwe ngenhloso yokweqa ingqinamba (efana namanzi, isigodi, umgwaqo noma ujantshi), imvama okusuke kunzima ukudlula kuyo. Kunemiklamo ehlukahlukene yemicabeko ngamunye owenzelwa injongo ekhethekile futhi esebenza ezimweni ezingafani. Imiklamo yemicabeko iyahlukahluka kuye ngezici ezifana nomsebenzi womcabeko, isimo sendawo lapho umcabeko ozoxhonywa khona, kanye nezithako ezisetshenziswa ukuwakha, nemali ekhona ezokuokhela ukwakhiwa kwawo.