UmQhibuki

Mayelana Wikipedia
A group of people working on laptop computers at a common table
Abantu ababamba iqhaza kumqhibukwano we-Coding da Vinci ngoNdasa mhla zingama-26 nama-27, 2014, eBerlin.

UmQhibuki ngumuntu onekhono kwezobuchwepheshe bokwaziswa nosebenzisa ulwazi analo lobuchule ukuze afinyelele empokophelweni noma anqobe ingqinamba, ngaphakathi kwesimiso esicikizwe ngezindlela ezingezona ezindinganiso ebekiwe. Nakuba ibizo elithi umqhibuki seliyamaniswa bokuqhibuka ezokuphepha – umuntu osebenzisa ulwazi analo lobuchule ukuze axhaphaze futhi agqekeze ezimisweni zesicikizi futhi afikelele imininingo engenakufikelelwa kalula – ukuqhibuka ikhono elingasetshenziswa nayizikhungo zomthetho ezimweni ezithile. Ngokwesibonelo, izinhlangano zomthetho nabaswbenzi bazo ngezinye izikhathi zisebenzisa ubunyoninco bokuqhibuka ukuze ziqoqe ubufakazi ngezigilamkhuba nezigebengu. Lokhu kungahlanganisa amathuluzi wokungaziwa (afana ne-VPN, noma ulwebu olufiphele) ukuze zisitheze ubuhlonzi bazo kuxhakaxholo, ngokuzishaya sengathi ziyizigebengu nazo. Ngokufanayo, izinhlangano zabancondi zomhlaba nazo zingasebenzisa ubunyoninco bokuqhibuka emisebenzini yazo engokomthetho. Kolunye uhlangothi, ukuqhibuka nokugasela kuxhakaxholo izinto ezisetshenziswa ngokungemthetho izinhlangano zomthetho nezokuphepha (lapho zenza ubuqhebeqhebe obungagunyaziwe), futhi zisetshenziswa nawumbuso njengesikhali empini engokomthetho nengekho emthethweni.