UbuChwepheshe boKwaziswa

Mayelana Wikipedia

Ubuchwepheshe bokwaziswa buwukusetshenziswa kweziCikizi ukwakha, ukudludlunga, ukugcina, ukubuyisa nokushintshanisa zonke izinhlobo zemininingo nokwaziswa. Ubuchwepheshe boKwaziswa bakha ingxenye yobuChwepheshe boKwaziswa nokuXhumana. Isimiso sobuchwepheshe bokwaziswa ngokuvamile okuyisimiso sokwaziswa, isimiso sezokuxhumana, noma ngokungagunci, isimiso sesiCikizi — sihlanganisa zonke izingxenye, amahlelokusebenza, nezifukuli ezixhunywayo — ezigidingwa iqembu elincane labasebenzisi bobuchwepheshe bokwaziswa.


Nakuba abantu kudala baqala ukugcina, ukulanda, ukulumba, nokuxhumana ngokwabelana ngokwaziswa kusuka ekuthuthukisweni kwezimiso zokuloba zangaphambili, ibizo ubuchwepheshe bokwaziswa ngomqondo walo wanamuhla laqala ukuvela esibhalweni sangowe-1958 esashicilelwa kwi-Harvard Business Review; ababhali u-Harold J. Leavitt no-Thomas L. Whisler baphawuka ukuthi "ubuchwepheshe obusha abunalo igama elilodwa elimisiwe. Sizobubiza ngokuthi Ubuchwepheshe bokwaziswa." Incasiselo yabo iqukethe iminxa emithathu: ubunyoninco bokudludlunga, ukusebenza kwezindlelasu zezibalomininingo nomchazazibalo ekuthatyeni izinqumo, nokufefenyeka kokucabanga kohlelo oluphakeme ngezinhleleliso zesicikizi.

Lebizo livame ukusetshenziswa njengomqondofana wezicikizi namaxhoxho wesicikizi, kodwa lihlanganisa nezinye ezobuchwepheshe zokusabalalisa ukwaziswa ezifana ngomabonakude nezincingo. Imikhiqizo embalwa nezinkonzo eziyingxenye yomnotho ziyamaniswa nobuchwepheshe bokwaziswa, zihlanganisa izingxenye zesicikizi, amahlelokusebenza, izizubisi , izidlulisinzuba , uxhakaxholo, nezokuthengiselana ngamazuba.

Izigaba zokuthuthukiswa kobuchwepheshe bokwaziswa zimi kanje: ngaphambi kwezinguxa (3000 BC — 1450 AD), inkathi yezinguxa (1450—1840), izinguxazamazuba (1840—1940), nezizubisi (1940 kuze kube manje).

Ubuchwepheshe bokwaziswa buyigatsha lenzululwazi yesicikizi, olungachasiswa njengokufundwa okukhulu kwenkambiso, uhlaka, nokudludlungwa, kwezinhlobo zemininingo. Njengoba lomkhakha uqhubeka nokuthubeka emazweni omhlaba, ukubaluleka kwawo sekukhulile, okuyilapha esiqala esibona khona ukungeniswa kwezifundo ezihlobene nenzululwazi yesicikizi emfundweni ye-K12.