Umbhoxo

Mayelana Wikipedia
Umbhoxo (iRaghbi)

Umbhoxo/iRaghbi uhlobo lomdlalo othi awufani nomdlalo webhola lezinyawo. Kulo mdlalo ku kudlalwa ngebhola ilimise okweqanda. Leli bhuthi ola kugijinywa nalo libanjwe ngezandla. Kanti futhi libuye likhahlelwe ngezinyawo uma sekushaywa i-penalti. Lo mdlalo ubuye ufake phakathi ukusunduzana. Ngenkathi kuzanywa ukuba kuthathelwane ibhola. Kanti ebholweni lombhoxo kudlala abadlali abayishumi nanhlanu izingxenye zombili. Kanti abadlali badlala ezindaweni ezahlukahlukene,kanti benza imisebenzi ehlukile. Ukwakheka kwebhola lombhoxo akufani nebhola lezinyawo,ngoba lombhoxo lakhekhe njengeqanda, liyakhahlelwa ngenyawo bese kugijinywe libanjwe ngezandla liphoswe kwabanye abadlali,kwenziwa njalo kuyagijinywa kuyiwa phambili. Kanti lo mdlali ophonselwayo kufanele abe semuva kwalo mdlali ophonsayo.Lapha kusebenza amaphuzu (amaphoyinti phela, lapha abanye abadlali bayajeziswa ngokudlala kabi nangokungalandeli imithetho yomdlalo. Kukhona okubizwa ngokuthi yiphenali(penalty),kanti yona uma ikhahlelwe yangena ezintini iqembu elishaye igoli linikezwa amaphuzu amathathu.Kulandele lapho umdlali weqembu elinye wakwazi ukwenqa umugqa ekugcineni kwebala lelinye iqembu ayokubeka ibhola phansi, lelo qembu linikezwa amaphuzu amahlanu,libizwa ngokuthi phecelezi (try) kanti ihamba nelungelo lokukhahlela ibhola, lingene ezintini ezinde lokho kubizwa ngokuthi yi(conversion). Unompempe ongaphakathi kwenkundla uba yedwa, kanti kube khona abancedisi bakhe abama emigqeni ngaphandle kwenkundla.Iqembu elifake amaphuzu amaningi yilo kanye elinqobayo. Iningizimu Afrika, ingelinye lamazwe asatshwa kakhulu ngomdlalo wombhoxo,Kanti iqembu lesizwe lombhoxo libizwa ngokuthi amaBhokobhoko (Springbok) ngikusho lokhu ngoba ukusukela ngombuso wentando yeningi seyike yanqoba izindebe ezimbili zalomncintiswano wendebe yomhlaba. INingizimu Afrika yanqoba ngo-1995 yaphinda futhi yanqoba ngo 2007. Kanti kulomnyaka ka 2015, iye yaphuma isithathu. Uma sikhuluma ngabadlali abamkantshubomvu kulomdlalo singakhuluma ngobani uma singakhulumi ngo Brian Habana, JB Pieterse, Victor Matfield, Schalk Burger,kanye nabanye asebathatha umhlala phansi abanjengo John Smit, Os Du Preez nabanye abaningi futhi.