IRiphabliki yaseNingizimu Afrika

From Wikipedia
(Redirected from INingizimu Afrika)
uMzansi (IsiZulu)
Inkondlo: Nkosi Sikelel' iAfrika
Isiqongo IBloemfontein, IKapa, IPitoli
Idolobha elikhulu IGoli[2]
Izilimi
Abantu abAfrika baseningizimu
Government iRiphabliki wephalamende womthethosisekelo
 -  Umongameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma
 -  Umongameli Isekela waseNingizimu Afrika Kgalema Motlanthe
 -  NCOP Chairman M. J. Mahlangu
 -  National Assembly Speaker Max Sisulu
Ukwenza
 -  Union 31 ngoNhlaba 1910 
 -  Statute of Westminster 11 ngoZibandlela 1931 
 -  Republic 31 ngoNhlaba 1961 
Ubukhulu
 -  Jikelele 1,221,037 km2 (25)
471,443 sq mi 
 -  Amanzi (%) Incinyane
Inani labantu
 -  2011[7] ukulinganisa 50,586,757[4][4][5] (24)
 -  2001 uhlolovo 44,819,778[6] 
 -  Ixuku labantu 41.4/km2 
107.2/sq mi
Imali iRandi (RSA)

INingizimu Afrika iyizwe elisezansi ezwenikazi lase-Afrika, yaziwa ngokusemthethweni ngokuthi iRiphabliki yaseNingizimu Afrika. Ihlanganiswa amakhilomitha ayizi-2,798 agudle usebe lolwandle okuyi iNdiyeni kanye ne-Atlanthiki. Amazwe angomakhelwane ahlanganisa iNamibhiya, iBotswana, iZimbabwe, Mozambiki kanye neSwazi; iLesotho iyizwe elincane elizungezwe iNingizimu Afrika. Umongameli waseNingizimu Afrika ngu Mnz.Jacob Gedliyehlekisa Zuma.

uMzansi unesikhundla weholo "phakathi-phezulu" ngokwaBhange Womhlaba, noButswana, noGaboni noMorishisi).[8] Unumnotho umkhulu se-Afrika, amashumi amabili nesishiyagalombili eMhlaba.[9] Ucezu lwesine wenani labantu abasebenzi.[10] Banemali okuncane kuna US $1.25 kosuku.[11]

INingizimu Afrika yizwe elisekugcineni kweNingizimu yezwekazi le-Afrika. Yona iNingizimu Afrika izungezwe ulwandle pheqelezi "Indian Ocean" kanye ne-Atlantic Ocean. Inani labantu baseNingizimu Afrika ngathithi yizigidi ezingamashumi amahlanu nambili, ukuya ngombiko wakamuva wokubalwa kwabantu (i-Census). Iningizimu Afrika ingelinye ilizwe elinothe kakhulu ezwekazini lase-Afrika ngoba linamagugu enjiwayo afana ne-golide, ikhromu,insimbi,platinamu, ithusi, idayimani, i-yuraniyamu namanye amagugu. Umnotho weNingizimu Afrika uncike ekuhwebelaneni namanye amazwe angaphandle afana noShayina,Indiya, Fulansi,iMelika, Mozambigi, Zimbabwe, Malawi ,Botswana namanye amazwe angaphandle kwe-Afrika.Ngokomlando, INingizimu Afrikaeminyakeni engaphezu kwengamashumi amane yayiphethwe wumbuso wengcinndezelo (Apartheid). Kanti le-Apartheid yasungulwa umongameli osewadlula wengcindezelo uHendrik Verwoerd, ngeminyaka yo 1960. Miningi nje imithetho eyasayindwa ukkucindezela ezinye izinhlanga ezinjengabantu abamnyama, abantu base-Eshiya, amakhaladi nezinye izinhlanga ezazingemhlophe.Zikhona izingqalabutho noma izishoshovu ezifana noLangalibalele Dube, Walter Rabusana, Thomas Mapikela,Tengo Jabavu, Pixley ka-Isaka Seme, abalwa nencindezelo kusukela ngeminyaka yo-1902 kuze kufike lesi sikhathi sanamhlanje.Lezingqalabutho yizo ezasungula umbutho wezepolitiki owalwela amalungelo abantu ababecindezelwe, lelo qembu lezombusazwe kwba-Ukhomgolose (ANC). Zkhona izinhlangano zepolitiki ezahlanganyela nokhongolose ezifana ne-SACP (amakomanisi), i-PAC kanye nezinye ezifana no-BCM. Kwahamba kanjalo eNingizimu Afrika kwaze kwaboshwa osopolitiki ngaleso sikhathi sengcindezelo abafana noNelson Mandela, Walter Sisulu,Govan Mbheki,Robert Sobukwe, Andrew Mlangeni, Dennis Goldberg, Kasrils nabanye. Kanti abanye baya ekudingisweni abafana no-Oliver Tambo, Thabo Mbeki, Chris Hani, Duma Nokwe, Moses Kotane. Kwaze kwafika lapho umbuso wengcindezelo wehluleka khona uthathwa ngabamnyama. Ngemva konyaka ka 1994, kwangena intando yeningi (democracy), lapho umongameli wokuqala wentando yeningi kwaba nguNelson Mandela owaboshwa iminyaka engama-27 etilongweni.Ngemva kwalokho iNingizimu Afrika yaqala ukuvula uhwebo ihwebelana namanye amazwe omhlaba. Iningizimu Afrika yabumba umthethosisekelo oqukethe intando yeningi amalungelo wobuntu, nobulungiswa obungakhethi ibala.Kanti zonke izinhlanga zaqala ukuba nelungelo lokuvota ngokukhululeka. Kanti iNingizimu Afrika inezilimi eziyishumi nanye ezisemthethweni, zona yisiNgisi, isiZulu, isiNdebele, isiSwati, isiXhosa, isiPedi, isiSotho, isiTswana, isiBhunu, isiVenda kanye nesiTsonga, kanti zikhona ezinye izilimi ezikhulunyiswa ukungena kuloluhlu, njengolimi lwezimpawu kanye nolimi lwaBathwa (Khoyisani). Umbuso weNningizimu Afrika uphethwe yizingxenye ezintathu zombuso, zona yiphalamende (Parliament), ngumbuso (Government/executive) kanye nobulungiswa (Judiciary). Kanti zonke izinhlangano zepolitiki zivumelekile ukungenela amavoti okhetho lomasipala lwezifundazwe kanye nolukazwelonke. Uhulumeni ngalesi sikhathi uphethwe inhlangano kakhongolose (ANC. Ngemva kwalokho bese kulandele ezinye izinhlangano eziphikisayo ezifana no-DA,PAC,EFF,Cope, IFP,NFP,ACDP,MF, nezinye izinhlangano.

Umongameli owalandela uNelson Mandela nguThabo Mbheki ngnyaka ka 1996, bese ngonyaka ka 2009 kwangena uJacob Zuma, kuze kube manje. Okulandela umthethosisekelo, liculo lesizwe elaziwa njengoNkosi sikelela i-Afrika. Le ngoma yacanjwa yingqalabutho lomculo u-Enoch Sontonga, kanti yona lengoma iqukethe izilimi ezinne isiXhosa, isibhunu, isiNgisi kanye nesiSotho.Iningizimu Afrika iyizwe elihle elinezinhlanga ezahlukahlukene, njengokusho komthethosisekelo ugunyaza ukuthi izilimi zonke zikhulunywe ngokukhululeka noma wonke umuntu kungakhathalekile ukuthi uyinhlanga yiphi yomuntu. Nazi izinhlanga zabantu esinazo: Kunohlanga lwabantu abamnyama (abampisholo), lapha kuqukethwe amaNguni: (amaNdebele,amaZulu, amaSwati, amaXhosa) kanti futhi sinohlanga lwabesuthu:amaPedi, amaShweshwe noma abeSuthu, amaTswana, abaTlokwa), kanti futhi sinamaTsonga, amaVenda.Sinohlanga lwabantu abamhlophe ( zabantu ezivela eYurophu:amabhunu namaNgisi,amaPutukezi, amaTaliyana amaFulenshi nezinye)),izinhlanga zabantu ezivela e-Eshiya njengeNdiya (India), eShayina (China) nezinye izinhlanga ezihambelana nazo. Sinohlanga lwabantu bebala (amakhaladi), loluhlanga lwabakhona ngenxa yokuhlangana nokungenelana kwezinhlanga ezahlukene zabantu, isibonelo lapho kuhlangana abantu abamnyama nabamhlophe, abathwa noma amakhoyisani nabamhlophe. Lolu hlanga lwabantu luvame ukutholakala kakhulu enTshonalanga-Kapa, Nyakatho-Kapa, KwaZulu-Natali, Bloemfontein nakwezinye izifundazwe. Loluhlanga lwabantu kuyilo kanye elaba negalelo ekusungulweni kolimi lwesiBhunu (Afrikaans). Siphinde sibe nohlanga lwaBathwa: AmaKhoyisani, amaSani, amarhirikwa, amaXu, amaKhwe amaNama.Kanti ngokomlando osomlando bathi amaKhoyisani yibo bantu bokuqala abafika e-Afrika eseNingizimu, ngaphambi kokuba kufike abantu. Lokhu kufakazelwa yimidwebo egcwele ematsheni ngaseNyakatho-Kapa naseNtshonalanga-Kapa. Kanti futhi kufakazelwa ngabamhlophe abafika kokuqala eNingizimu Afrika o-Jan Van Riebeck phela ngeminyaka yo 1652. Loluhlanga lwabantu lwalugcwele ngasogwini lwaseNtshonalanga Kapa. Zonke lezinhlanga zabantu zinamasiko azo lapho ziphila khona.

Amadolobha amakhulu[12]
eGoli, eGauteng
(isiNgisi/isiBhunu: Johannesburg)
Inani 1,009,035 Johannesburg CBD.jpg
Soweto, iGauteng Inani labantu 858,644 Soweto-002.jpg
eKapa, eNtshonalanga-Kapa
(isiNgisi: Cape Town, isiBhunu: Kaapstad)
Inani 827,218 CampsBayFromLionsHead.jpg
eThekwini, KwaZulu
(isiNgisi/isiBhunu: Durban)
Inani labantu 536,644 2011-06-22 12-01-28 South Africa - Morningside.jpg
ePitoli, eGauteng
(isiNgisi/isiBhunu: Pretoria)
Inani labantu 525,387 CentralPretoria.jpg
Mitchell's Plain, eNtshonalanga-Kapa Inani 398,650 OpenStreetMap Cape Town small.svg
Umlazi, KwaZulu Inani labantu 388,687 Blank map of KwaZulu-Natal (2011).svg
Katlehong, iGauteng Inani labantu 349,866 Greater Johannesburg OpenStreetMap small.svg
Tembisa, eGauteng Inani labantu 348,693 Greater Johannesburg OpenStreetMap small.svg
Khayelitsha, eNtshonalanga-Kapa Inani 329,002 Khayelitsha from the air.JPG
Soshanguve, eGauteng Inani labantu 311,223 Blank map of Gauteng (2011).svg
Mamelodi, eGauteng Inani labantu 256,117 Mamelodi.JPG
Ibhayi, kwaXhosa
(isiNgisi: Port Elizabeth)
Inani labantu 255,826 Port Elizabeth 1991.jpg
Tshivhase, Limpopo Inani labantu 226,622 Blank map of Limpopo (2011).svg
Pietermaritzburg, KwaZulu Inani labantu 223,519 UKZNPclocktower.jpg
Sebokeng, iGauteng Inani labantu 222,045 Blank map of Gauteng (2011).svg
Bloemfontein, iFuleyistata Inani labantu 217,076 De Wet Statue Bloemfontein.jpg
Mabopane, iGauteng Inani labantu 192,914 Blank map of Gauteng (2011).svg
Chatsworth, Durban Chatsworth, KwaZulu Inani labantu 192,166 Blank map of KwaZulu-Natal (2011).svg

Umlando[hlela | edit source]

References[hlela | edit source]

  1. "The Constitution in Zulu". Constitutional Court of South Africa. http://www.constitutionalcourt.org.za/site/theconstitution/zulu.htm. Retrieved 3 September 2009. 
  2. "Principal Agglomerations of the World". Citypopulation.de. http://www.citypopulation.de/World.html. Retrieved 30 October 2011. 
  3. The Khoi, Nama and San languages; sign language; German, Greek, Gujarati, Hindi, Portuguese, Tamil, Telegu and Urdu; and Arabic, Hebrew, Sanskrit and "other languages used for religious purposes in South Africa" have a special status. See Isahluko 1, Article 6, of the Constitution.
  4. 4.0 4.1 "Mid-year population estimates 2011". Statistics South Africa. 2011. http://www.statssa.gov.za/publications/P0302/P03022011.pdf. Retrieved 30 July 2011. 
  5. "Census 2001". Statssa.gov.za. 10 October 2001. http://www.statssa.gov.za/census01/html/default.asp. Retrieved 30 October 2011. 
  6. http://www.statssa.gov.za/census01/html/default.asp | Census 2001 at a glance | Statistics South Africa | 7 July 2008
  7. "Midyear population estimates: 2010". Statistics South Africa. http://www.statssa.gov.za/publications/P0302/P03022010.pdf. Retrieved 23 July 2010. 
  8. http://data.worldbank.org/country/south-africa | South Africa – World Bank | Data.worldbank.org | 30 October 2011
  9. 2010 World Development Indicators database, World Bank. 30 September 2011.
  10. http://www.bloomberg.com/apps/news?pid=20601116&sid=aoB7RbcZCRfU | South Africa's Unemployment Rate Increases to 23.5% | Bloomberg | 5 May 2009
  11. http://hdr.undp.org/en/media/HDI_2008_EN_Tables.pdf%7C HDI| UNDP}}
  12. 2001 Census