Umchazanyandla

Mayelana Wikipedia
Lorenz cipher machine twelve rotors with mechanism
Inguxa ebizwa -Lorenz cipher, oyayisetshenziswa eMpini Yezwe II ukunyandla ukuxhumana kwabaKhuzi abakhulu baseJalimane

Umchazanyandla noma umchazansitho umkhuba nesifundo sobunyoninco bezokuxhumana eziphephile lapho kunosongo lwezitha ezincondayo. Ngobubanzi jikelele, umchazanyandla lumayelana nokwakha kanye nokuhlaziya izinyathelo ezingavimbela abanye abangenamvume noma umphakathi ukuba bafunde imiyalezo yangasese, esisulu. Umchazanyandla wanamuhla useyanhlukwaneni yemikhakha yomchazazibalo, inzululwazi yesicikizi, ezokuvikela ukwaziswa, Ubunjiniyela bamazuba, ukuhidanisa isiyabizo sezezibhangqiwe, umchazandalo, nezinye. Izicabango ezijulile ezihlobene nezokuvikela ukwaziswa (ubumfihlo bemininingo, ukuthembeka kwemininingo, ukuqinisekiswa, nokungaphikwa kwesivumelwano) nazo zisemnyombweni womchazanyandla. Ukusetshenziswa komchazanyandla okusebenzayo kuhlanganisa ezentengiselwano zenzuba, amakhadi wokukhokha asekwe kumazubela, izinkece zezibhangqiwe, imithopho yesiCikizi, kanye nezokuxhumana zemibutho yezempi.