Isidwambu

Mayelana Wikipedia
(Redirected from Umdwambu (kwezokucikiza))
Umdwambu wendwalife ebizwa Life Second
Isixhomo saku-Twitter, esinesidwambu somsebenzisi

KwezokuCikiza, Isidwambu singumfanekiso omelela umsebenzisi noma umdwambu wakhe. Izidwambu kungaba imifanekiso yobuqhwibimbili (2D) bezidlangala zoxhakaxholo nezinye izinkundla, lapho zaziwa nangokuthi izithombe zesihamuza njll. Ngokuhlukile, isidwambu singaba nesimo sonongo lobuqhwibintathu, olusetahenziswa ezweni loxhakaxholo nasemifekethweni yevidiyo, noma kube umdwambu wokuzicabangela ongenasimomo esiwumfanekiso, njengasemidlalweni.

Ibizo elithi isidwambu lakhiwe kususela kwelithi "umdwambu" elisho 'umuntu isiqu sakhe, nezinkondolo ezimehlukanisa esilwaneni.' [1] Elithi isidwambu ngenxa yokuba nesiqalo 'isi' esisebenza ezintweni ezingaphili, liyafaneleka kakhulu njengoba kungumfanekiso ofefenyekiwe, hhayi umuntu ophilayo uqobo. Izidwambu, eziwumfefenyeko nje, ziyasetshenziswa ezijinjweni zakuxhakaxholo ezihlanganisa izinkundla zokuxhumana, abalekeleli bakuxhakaxholo, izinkundla zomqhafazo, nasemazweni wezezibhangqiwe afana ne-World of Warcraft kanye ne-Second Life. Zingaba nesimo somfanekiso noma isithombe somuntu sangempela, njengoba zibonwa ezinkundleni ezinjengo-Facebook kanye no-Linkedln, noma isidwambu sendwalazo esidabuka ezweni langempela. Imvama, lezi zidwambu zenzelwa ukuba sixhase izinjongo ezihlukene.

Ucwaningo lwakwaNgqondonkulu luye lwahlozinga endleleni izidwambu ezingathonya ngayo imiphumela yokuxhumana nobuhlonzi bezezibhangqiwe. Abasebenzisi bangasebenzisa izidwambu ezinezinkondolo zezinganeko ukuze bazuze ukwamukelwa emphakathini noma ukwenza lula ukwenanana. Kodwana, izifundo sezithole ukuthi iningi labasebenzisi bakhetha izidwambu ezinenswebu yomuntu siqu.

Imithombo[hlela | Hlela umthombo]

  1. Doke, Vilakazi (1972). Zulu-English Dictionary. Witwatersrand University Press. p. 177.