Umfeketho wendwalazo

Mayelana Wikipedia
Umdlali osebenzisa isiqomondo sendwalazo ye -Oculus Rift nezilawuli zayo ukuze alawule umfeketho

UMfeketho wendwalazo ungumfeketho wombukiso odlalwa kusetshenziswa izilekeleli zendwalazo. Iningi lemifeketho yendwalazo lisekwe ekucwileni komdlali, imvama okwenziwa ngeziqomondo ezifakwa ekhanda zomboniso wenhlolambukiso (stereoscopic) kanye nezilawuli zakhona.

Imboni yemifeketho yombukiso yenza iziqabavu zokuqala zendwalazo eminyakeni ye-1989, ikakhulu ngomfeketho we-Mattel obizwa Power Glove kanye nowe-Nintendo obizwa Virtual Boy. Lapho kungeniswa umkhiqizo wendwalazo wokuqala olungele abashwabadi, obizwa Oculus Rift ngowezi-2003, eminye imifeketho yendwalazo yalandela masinyane, kuhlanganisa nemifeketho ebikhona eyaguqulwa ukuze ifekethe emagobongweni wendwalazo, kanye nemifeketho emisha eklanyelwe Indwalazo. Nakuba amagobongo wendwalazo nemifeketho yayo yakhula ngokulinganiselwe ekupheleni kweyezi-2010, kwavela umifeketho wendwalazo obizwa Half-Life: Alyx owathuthukiswa inkampani ebizwa Valve, owawuthathwa ngokuthi ihlelokusebenza elibulalayo lemifeketho yendwalazo.