Umhela wakwaNgqondonkulu

Umhela wakwangqondonkulu uyisishicwanjalo okushicilelwa kuso ubungoti obuphathelene noqeqesho lakwaNgqondonkulu. Imihela ithathwa njengesidlangalala esivulelekile nesingabuni lapho kwenziwa khona izethulo, izihlaziyo, nokudingiwa ngocwaningo. Imfuneko eyinhloko yemihela ukubuyekezwa okwenziwa izingcweti, kuzo zonke izibhalwa zocwaningo noma ukucutshungulwa kwazo ngabanye abacwaningi abangongoti emikhakheni yabo.
Ngonyaka wezi-2012, kuqagelwa ukuthi kwakunemihela yakwaNgqondonkulu engaphezu kwezi-28,100 eshicilelwayo. Le mihela ishicilela izinhlobonhlobo zezibhalwa ezihlanganisa ucwaningo, izibuyekezo nemibono ehlukile. Ukwanda kokushicilelwa ngamazuba sekwenze ukuba mihela yakwaNgqondonkulu ifikelelwe kalula.
Isiqikili
[hlela | Hlela umthombo]Isiqikili semihela ngokuvamile siba yizibhalwa ezethula ucwaningo lendabuko, izibhalwa zokubuyekeza, noma ukubuyekezwa kwencwadi. Ibomu lomhela wakwaNgqondonkulu, ngokukaHenry Oldenburg (umhleli wokuqala womhela obizwa Philosophical Transactions of the Royal Society), ukunika abacwaningi inkundla yokuthi "bacobelelane ngolwazi, futhi banikele ngabanakho emklameni omkhulu wokuthuthukisa ulwazi lwemvelo, nokuhlabahlosisa bonke ubungcithabuchopho bobuciko, nezinzululwazi." [1]
Ilomo elithi umhela wakwaNgqondonkulu libhekisela kuzishicilelwa zezifundiswa zayo yonke imikhakha; zihlanganisa imihela ephathelene nezinzululwazi zezimiso, izinzululwazi zemvelo, nezinzululwazi zenhlalo, Kanye nezoluntu, zonke ezihlukahlukayo ngokuhleleka nensebenzo. Imihela yakwangqondonkulu yezinzululwazi zezimiso nezemvelo ivame ukubizwa ngokuthi imihela yenzululwazi. Iningi lemihela ligxila emkhakheni owodwa, nakuba ikhona imihela yakudala efana nalowo obizwa Science nalowo obizwa Nature ishicilela izibhalwa namaphepha enzululwazi emkhakheni yenzululwazi enhlobonhlobo.[2]
Nakuba imihela yakwangqondonkulu inokufana thizeni nomagazini bezingcwepheshi (noma imihela yonsebenzi), bahluke kakhulu. Izibhalwa zemihela yakwangqondonkulu zibhalwa abacwaningi abafana nabafundi, osonzululwazi, nosolwazi. Abafundi abahlosiwe bayingxenye yomkhakha abakuwo, okusho ukuthi isiqikili sabo sigcwele ubuchule.[3] Izibhalwa zivame ukuhlozinga ucwaningo, futhi zibuyekezwa izingcweti. Kuyilapho, imihela yonsebenzi yona ibhekiswe kubantu bemikhakha ehlukene, ihlozinge endleleni labo bantu abanza ngayo imisebenzi yabo.
Abacwaningi abasebenza kwangqondonkulu kulindeleke ukuba bashicilele umsebenzi wabo emiheleni yakwangqondonkulu, neziNhlangano zonphakathi ezixhasa ucwaningo ngezimali zifuna ukuthi iziphumo zocwaningo zishicilelwe emiheleni yakwangqondonkulu. Izimfuneko zakwangqondonkulu zokukhuphukela emazingeni aphezulu kwabgqobdonkulu zivame ukuhilela inani nomthelela wezibhalwa ezishicilelwe kwangqondonkulu. Lokhu kuletha ingcindezi yokushicilela izibhalwa kaningi kubacwaningi – okuyisimo esibizwa ngokuthi shicilela noma ushicilwe.[4]
Amaphatho
[hlela | Hlela umthombo]- ↑ "Royal Society journal archive made permanently free to access". The Royal Society. 2019-02-12. Archived from the original on 2019-02-12. Kulandwe ngomhlaka 2023-04-30.
- ↑ Panter, Michaela (2023-01-25). "How to Choose Between General and Specialized Journals" (in English). American Journal Experts. Archived from the original on 2020-08-11. Kulandwe ngomhlaka 2023-01-25. Unknown parameter
|url-status=ignored (help)CS1 maint: Unrecognized language (link) - ↑ "What is a Scholarly Journal?". Victor Valley College Library. January 25, 2023. Archived from the original on March 14, 2016. Kulandwe ngomhlaka January 25, 2023.
- ↑ Fanelli, D. (2010). "Do Pressures to Publish Increase Scientists' Bias? An Empirical Support from US States Data". PLOS ONE. 5 (4). Bibcode:2010PLoSO...510271F. doi:10.1371/journal.pone.0010271. PMC 2858206. PMID 20422014. Unknown parameter
|article-number=ignored (help)